PATRICIA DE LILLE PATRICIA DE LILLE
NGIZIZWA nginamandla amasha okulwela abantu bakithi abampofu eCape Town, ngiqinisekise ukuthi bathola impilo engcono, usho kanje uNkk Patricia De Lille emuva kokunqoba icala lokuphucwa ubulungu yiDA.
NgoLwesithathu uJaji Andre Le Grange uthe ukuphucwa kukaNkk De Lille ubulungu bakhe kwiDA ngenxa yesitatimende asenza engxoxweni nomsakazi ngo-Ephreli akukho semthethweni ngoba ayilandelanga imithetho yayo yokuphucwa komuntu ubulungu.
Lesi sinqumo sisho ukuthi uNkk De Lille useyilungu leDA ngokugcwele.
Ekhuluma emuva kokuphuma kwesinqumo uthe uhlale esho ukuthi umuntu umsulwa kuze kube inkantolo imlahla ngencala.
“Yinkantolo kuphela enelungelo lokulahla umuntu ngecala hhayi abantu abangawuqondi umthetho.
Ngizoqhubeka nokuletha impilo engcono kubantu baseCape Town njengoba ngangibathembisile ngo-2016. Lesi sinqumo sizokwenza kube lula ukufeza izithembiso engazenzayo. Ngizoqhubeka nomsebenzi engangiqokelwe wona wokusebenza umphakathi,” kusho uNkk De Lille.
UNksz Natasha Mazzone oyiPhini leFederal Chair kwiDA, uthe kuyaqala ngqa ukuthi kwenzeke into enjena kwiDA kodwa bazosicubungula isinqumo senkantolo ngoba akekho umuntu obaluleke ukudlula abantu baseCape Town.
“Kwamanye amaqembu ngabe usubone izigameko zodlame kodwa ngiyajabula ukuthi akwenzekanga lokhu kwiDA. Asijabuli neze ukuthi izindaba zethu zinekelwe izwe ngalolu hlobo. Ngicabanga ukuthi kuyoba ngcono uma uNkk De Lille ehoxa ngoba isigungu seDA kuMasipala waseCape Town asisamdingi,” kusho uNksz Mazonne.
Umhlaziyi wepolitiki uMnuz Thabani Khumalo uthe isinqumo senkantolo sikhombisa ngokusobala ukuthi iDA ehlale icula iculo lokuthi iyiqembu elilandela umthetho futhi elibafanele bonke abantu, ayikwenzi ekushoyo.
“Isinqumo sikhomba ukuthi iDA ayikwazi ukulandela imithetho yayo futhi ayingcono njengoba ihlale iziveza njengenhlangano engcono kunezinye. Isinqumo sizoqinisa nombono wokuthi iDA ayinandaba namalungu ayo amnyama kodwa ikhathalele amhlophe kuphela ngoba amnyama ayashushiswa uma esho okuthile kodwa amhlophe awanakwa,” kusho uKhumalo.
Uthe iDA izobhekana nobunzima ngoba akayiboni inqoba ukhetho ngamalengiso ngonyaka ozayo uma isahluleka wukukhombisa ukuthi iyiqembu lazo zonke izinhlanga.
“Isinqumo sikhombisa ukuthi iDA ayikakulungeli ukuphatha izwe ngoba ayikwazi ukuphatha amalungu ayo ngendlela efanayo,” kusho uMazonne.