Izindaba

URamaphosa uxwayisa abe-ANC ngokhetho lwango 2019

Sbu Masango|Published

Cyril Ramaphosa Cyril Ramaphosa

UMENGAMELI we-ANC uMnuz Cyril Ramaphosa usexwayise amalungu ale nhlangano ngokuthi uma kuqhubeka ukungaboni ngaso linye kuyona, ngeke alibone elidlalayo okhethweni lwangonyaka ozayo.

Lokhu ukusho ngesikhathi ekhuluma nezithunywa ebezisengqungqutheleni ye-National Union of Mineworkers (NUM) eKurhuleni ngoLwesihlanu.

Uthe ukuklwebhana kumele kuphele manje.

“Kumele kuphele ngempela ukuklwebhana ngoba sinomsebenzi omkhulu wokhetho luka-2019.”

URamaphosa uthe ubumbano kwi-ANC lubalulekile, izinhlaka kumele zikunqande ukungqubuzana zodwa.

Ukusho lokhu emuva kokuba amalungu e-ANC angeneme eLimpopo, efake isicelo sokuvimbela ingqungquthela yesifunda ukuba iqhubeke ngempelasonto.

Amalungu amathathu e-ANC esifundeni iPeter Mokaba, uMolema Nong, uPerkane Mamabolo noMamotane Mangwale, afuna isigungu esiphezulu sesifundazwe esiholwa nguNdunankulu uStan Mathabatha sinqatshelwe ukuqhubeka nokwenza ukhetho nokuphasisa izinqumo ezithathwe engqungqutheleni.

Bafuna izinqumo ezithathwe engqungqutheleni inkantolo izithathe njengento engekho.