Izindaba

[IMIBONO] Sekuyacaca ukuthi uZuma wayesukelwa

Mpha Omnyama Shabalala|Published

OWAYENGUMENGAMELI kuleli uMnuz Jacob Zuma. Isithombe: Felix Dlangamandla/Pool OWAYENGUMENGAMELI kuleli uMnuz Jacob Zuma. Isithombe: Felix Dlangamandla/Pool

MHLELI: Hhayi sekuyadumaza okwe-ANC sengathi kwayona ayisazi ukuthi kubuhlungu kuphi.

Zolo lokhu bekuthiwa ngubaba uZuma obulala i-ANC ihlala isezinkantolo ngenxa yakhe bethi akaphume kungene ubuholi obusha. Kodwa namanje kusafana kusaliwa khona ezinkantolo.

Lokhu akwenzeki lapha KwaZulu-Natal kuphela kodwa kuthe chithi saka i-ANC ilwa yodwa ibanga izikhundla nobani ubhekela umzala wakhe.

Kanti inkinga ikuphi? Akasekho phela ubaba uZuma, azipheli ngani pho izinkinga? Obaba uNzimande bamatasa bakhuluma ngoMsholozi noma engasekho emandleni.

Hhawu we-ANC kanti anilizwa yini iphunga ukuthi lingakuphi nase nishayisana nje kwenzenjani? Ngabe okwenzeka kule nhlangano sekusho ukunqundeka kwezimpondo enkunzini?

Uma kunjalo kusho ukuthi nezimbuzi sezizoyihlaba phela. Zinukeni nina amakhwapha. Indoda nendoda mayiphakamise izingalo ngoba kungenzeka ukuthi iphunga likuyona. Sekucacile ukuthi ubaba uZuma wayefela ubala.

Mpha Shabalala

EMnambithi

Nawe ungasithumela umbono wakho nge-email ku: [email protected]