Izindaba

UZimdollar ubhoboka ngamadoda ambangayo

Thokozani Ndlovu|Published

UMSAKAZI woKhozi FM, uZimdollar ecamele kuMnuz Sbongeleni “Mfishimfishi” Dlamini, aphumele obala ukuthi uyena azoshada naye njengoba esemlobolile Isithombe: FACEBOOK / MFISHIMFISHI DLAMINI UMSAKAZI woKhozi FM, uZimdollar ecamele kuMnuz Sbongeleni “Mfishimfishi” Dlamini, aphumele obala ukuthi uyena azoshada naye njengoba esemlobolile Isithombe: FACEBOOK / MFISHIMFISHI DLAMINI

UBHOBOKA ngokubangwa amasoka amabili umsakazi woKhozi FM, uZimiphi “Zimdollar” Biyela okubikwe ukuthi uselotsholwe ngusomabhizinisi waseMzimkhulu kanti, ngakolunye uhlangothi kuthiwa uthandana nosomabhizinisi waseThekwini.

Ngeledlule Isolezwe ngeSonto libe yiphephandaba lokuqala ukubika ukuthi uZimdollar uselotsholwe ngusomabhizinisi, uMnuz Sbongeleni “Mfishimfishi” Dlamini weDlems Lifestyle,  ngakolunye uhlangothi uthandana noMnuz Mzwandile Zondi weSiyajabula Driving School, naye osezinhlelweni zokumlobola.

UZimdollar uthumele i-email echaza ngale nzukazikeyi yokuthandana kwakhe nabantu ababili, ngesikhathi esisodwa. 

Lo msakazi kaSigiya Ngengoma uthe: “Sekufike la ngicikeka khona ngalo mnqakiswano okhona ngegama lami nengiwubonayo ukuthi unenhloso yokuhudulela igama lami phansi. 

"Nanka-ke amaqiniso. Kuliqiniso ukuthi ngihlangane noDlamini busekhona ubudlelwano phakathi kwami noMnuz Zondi, yize base bungebuhle sekusele umndondo. 

"Emuva kwalokho sabe sesihlala phansi noZondi savumelana ngokuthi izindlela azehlukane ngoba izinkinga ebesinazo zazingeke zisalungiseka. 

"Lokho wakwemukela ngaphandle kwengxabano uZondi. Kungimangazile-ke uma esetshela amaphepha ukuthi mina ngisengumuntu wakhe. Kodwa-ke ngiyamthethela ngalawo manga ngoba kusho ukuthi usezwa ubuhlungu ngokwehlukana kwethu,” kusho uZimdollar.

Ngodaba lukaDlamini, uZimdollar uthe uqale ukuthandana naye ngoJuni 2017. 

Ekuqaleni kwalo nyaka, uthi kuvele kwacaca ukuthi uDlamini akazimisele ngokudlala ngaye kodwa umfuna emagcekeni akwaDlamini.

“Ngibe sengimchazela uDlamini ukuthi njengomuntu owayeganile, ngokwesonto lami akuvumelekile ukuthi ngigane omunye umuntu, uma indoda engangiyiganile isadla anhlamvana. 

“Ngenxa yokuthi uDlamini uyangithanda, lokho akumvimbanga, waqhubeka wathenga indandatho yesethembiso,” kuqhuba uZimdollar.

Uthe isinqumo sokushada noDlamini usithathe yedwa, ngenxa yokuthi iminyaka isiyishumi ahlukana noXulu (Bethuel) ayemganile ngokwesintu nangokwesonto. 

Uqhube wathi, umuzi wakwaXulu uwakhe yena ngamandla akhe. Uthe wayewakhela ukuthi indodana yakhe benoXulu ibe nekhaya.

Uveze ukuthi uyazi ukuthi ngokomthetho wesintu yena usengowakwaXulu lapho eshadele khona. Kodwa kuyilungelo lakhe ukuphinde akhethe kwesinye isibongo. 

Lokho uthe kungenxa yokuthi uXulu usamlahla, kodwa ubengeke akwazi ukufaka incwadi yesehlukaniso enkantolo  ngoba umshado wakhe noXulu kwaba ngowesintu, awubhalisiwe enkantolo.

Uphinde waveza ukuthi umthetho wesonto lakhe lamaNazaretha othi angashadi nenye indoda ibe isaphila ayeshade nayo, uyawazi futhi uyawuhlonipha kodwa uwuphulile. 

Uthe inkinga ukuthi ubengeke ambulale uXulu ngoba efuna ukuqhubeka nempilo. 

 

“Akhona amathodlana akhona, bangawalanda kunokuba ngihlale  emendweni ongenandoda ngize ngife. Njengamanje, ngilungiselela umshado oya kwaDlamini. Abanye abathule.”