OWAYENGUMENGAMELI wakuleli uMnuz Jacob Zuma obevele eNkantolo eNkulu yaseThekwini namhlanje. Uzuma ubhekene namacala enkohlakalo. Icala lakhe lihlehliselwe uJulayi 27. Isithombe: MARCO LONGARI/AP OWAYENGUMENGAMELI wakuleli uMnuz Jacob Zuma obevele eNkantolo eNkulu yaseThekwini namhlanje. Uzuma ubhekene namacala enkohlakalo. Icala lakhe lihlehliselwe uJulayi 27. Isithombe: MARCO LONGARI/AP
BADONSE ngendlebe abantu ukuthi beseke owayenguMengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma ukuze kuqhubeke izinhlelo zokubuyiswa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo nezemfundo yamahhala.
Namuhla, kuqale kwaba nenhlabaluhide yomzungezo wezimoto ebezifakwe amafulegi anemibhalo eseka uZuma ezisuke e-Albert Park, zagudla ku-Margaret Mncadi Avenue, zangena ku-Anton Lembede zaya kuPine Street zase ziyogudla ngo-Dr Pixley KaSeme zabuyela e-Albert Park lapho bekunomlindelo wecala likaZuma.
UMbhishobhi Bheki Ngcobo weNational Interfaith Churches of South (Nicsa) uthe kubalulekile ukuthi bamseke ngoba ungumholi oqotho olwela inkululeko yezomnotho yabantu abamnyama.
"Siqale ngomzungezo wokugqugquzela abantu ukuthi beseke uMsholozi (Zuma) sikholwa ukuthi kubalulekile ukuthi sife lapho efa khona ngoba uyena osilethele imfundo yamahhala waqala nezinhlelo zokuthi kubuyiswe umhlaba ngaphandle kwesinxephezelo," kusho uNgcobo.
Uthe balindele izinkulungwane zabantu ezivela KwaZulu-Natal nakwezinye izifundazwe.
"Sifuna labo abasebenzisa budlabha umthetho ngoba befuna ukufeza izinhloso zabo bavele obala. Ukuya kwethu enkantolo nokwenza umlindelo ngaphambi kwecala kukhombisa ngokusobala ukuthi uMsholozi uyathandwa ngabantu. Ungumholi wethu osinike imfundo yamahhala kuyacaca ukuthi bamkhiphe esikhundleni ngoba bebona ukuthi nodaba lokubuyiswa komhlaba uzolusheshisa," kusho uNgcobo.
Umkhulumeli weMKVA uMnuz Carl Niehaus, uthe amacala abekwe uZuma awekho ngoba kulindwe iminyaka engu-15 ngaphambi kokuthi ashushiswe.
"Sikholwa ukuthi leli cala ngelepolitiki futhi lenzelwa ukulwa nezinhlelo zokuletha uguquko eziqalwe wuMsholozi (Zuma). Sigqugquzela abantu ukuthi baseke uMsholozi ngokuza enkantolo njengoba begcwele lapha emlindelweni. Singabantu siyawachitha amacala abekwe uMsholozi," kusho uNiehaus.
Uthe bazokweseka uZuma kuze kube sekugcineni ngoba ungumholi ofuna impilo engcono yabo bonke abantu baseNingizimu Afrika.
Ngemuva kokuvela eNkantol eNkulu eThekwini ngoLwesihlanu ekuseni udaba lwakhe luhlehliselwe uJulayi 27.