ILUNGU lesigungu esiphezulu se-ANC uNksz Nocawe Mafu, umxhumanisi wobuholi besikhashana be-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala nomdidiyeli waleli thimba uMnuz Mike Mabuyakhulu esithangamini nabezindaba ngamalungiselelo engqungquthela Isithombe: MHLENGI SHANGASE ILUNGU lesigungu esiphezulu se-ANC uNksz Nocawe Mafu, umxhumanisi wobuholi besikhashana be-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala nomdidiyeli waleli thimba uMnuz Mike Mabuyakhulu esithangamini nabezindaba ngamalungiselelo engqungquthela Isithombe: MHLENGI SHANGASE
ANGAPHEZULU kuka-100 amagatsha e-ANC KwaZulu-Natal angeke abe yingxenye yengqungquthela yokukhetha ubuholi besifundazwe eqala namhlanje enyuvesi yaseZululand, oNgoye.
Lawa magatsha awazange ahlangabezane nemibandela ebekiwe yokuthi akwazi ukuthamela ingqungquthela. Kanjalo nobuholi bezifunda ezintathu okuke kwaba nezehlakalo zokubulawa kwabaholi okuyiHarry Gwala, Moses Mabhida neLower South Coast buhlakaziwe, buzoya kule ngqungquthela kodwa abuvoti.
Lokhu kuvezwe nguMxhumanisi wethimba lesikhashana elihola le nhlangano esifundazweni, uMnuz Sihle Zikalala, ekhuluma nabezindaba ngamalungiselelo ale ngqungquthela.
UZikalala uthe bagculisekile ngoba amagatsha amaningi ahlalile bahlangabezana nokuthi * -70% wamagatsha ukuthi kumele ahlale ukuze kube nengqungquthela. “Angaphezulu kuka-800 amagatsha okuhlolwe ukuthi akulungele yini ukuya engqungqutheleni. Angu-686 aphasile okuyiwona azoya engqungqutheleni. Mabili amalungu igatsha ngalodwa azoya engqungqutheleni.”
Uthe ingqungquthela eyamagatsha, wathi sebeyilungele ingqungquthela.
Uthe bahlalise izingqungquthela zezifunda eziyisithupha ngempumelelo wathi bese kusele lezi ezintathu ezihlakaziwe. “Wonke amagatsha anikwe ithuba lokuthi alethe izikhalazo zawo. Ubuholi bukazwelonke bebuseMoses Mabhida ibona obuzonquma ukuthi imaphi amagatsha azoya engqungqutheleni.”
UNksz Nocawe Mafu, isithunywa sesigungu esiphezulu sale nhlangano kulesi sifundazwe, uthe uyajabula ukuthi iyahlala ingqungquthela, wathi uthemba ukuthi izoba yimpumelelo.
Ebuzwa ngezinsolo zalabo okuthiwa kabaneme abazomashela ubuholi obusha ngelizayo, uthe akukho abasakutholile.
“Akukho esisakutholile mayelana nabantu abathi bazomasha noma abazoya enkantolo ngoba bengeneme. Uma kwenzeka i-ANC iyobhekana nakho ngendlela efanele,” kusho uNksz Mafu.
UZikalala uphawule nangokubulawa kwabaholi wathi ngenye yezinselelo ababhekene nayo.
“Lezi zehlakalo zenza kube nokungathembani kumalungu. Sisebenzisana nabezomthetho ukuze kunqandwe lesi sihlava kuboshwe abenzi bobubi. Sikholelwa ngukuthi ezobulungiswa zingazinqanda lezi zehlakalo.”
Ubuholi besifundzwe bahlakazwa ngemuva kokuba kukhona uhlangothi olwavunwa yinkantolo yaseMgungundlovu ngokuthatha njengento engekho imiphumela yengqungquthela eyakhetha uZikalala njengoSihlalo ngo-2015 eMgungundlovu noMnuz Super Zuma njengoNobhala.
Kule ngqungquthela kulindeleke ukuthi uZikalala abuyele njengokugiya kulesi sikhundla, ezinkundleni zokuxhumana kukhulunywa ekaMnuz Mdumiseni Ntuli, owayekhulumela ubuholi obahlakazwa ophinde abe yiphini likaSotwebhu le-ANC esiShayamthetho sesifundazwe njengoNobhala wesifundazwe.