KUQHUME isililo ngesikhathi abalandeli bakaMjikijelwa bezobhonga emswanini kubo Izithombe: THOKOZANI NDLOVU KUQHUME isililo ngesikhathi abalandeli bakaMjikijelwa bezobhonga emswanini kubo Izithombe: THOKOZANI NDLOVU
UMNDENI wesilomo sikamaskandi, uMjikijelwa “Ichalaha LikaShafuza” Ngubane, uthi ushona nje ubesekhombe isiza abesesimbile emzini wakhe kaJikijiki KwaMaphumulo. Ubezokwakha indlu yezinsizwa ebezimgidela. Kuthiwa ubehlele ukuthi ayakhe afake yonke impahla kuyona ukuze bafike bahlale kahle uma befikile.
Umndeni uthe ugqemeke engeqiwa ntwala ngokushona kwalo mculi ngenxa yokuthi ubewusizo.
Udadewabo oyimenenja yakhe emculweni, uThembi Ngubane, uthe uMjikijelwa ubengafuni ukubona amalungu omndeni ehlupheka.
Uthe ubebondla aphinde abathengele nezingubo zokugqoka.
“Ubengafuni ukubona umuntu wakubo elambile noma egugelwe. Uma ezwe ukuthi kukhona ongenakudla ubengakhulumi, ububona esengena ngeGTI yakhe igcwele ukudla. Uma ugugelwe ubengahlekisi ngawe, ubevele athenge oshoda ngakho akunike. Ubethengela umuntu ngisho impahla yangaphansi. Uma kungamaholidi kaDisemba noma awePhasika, ubefonela bonke abafowabo nodadewabo abahlala edolobheni abatshele ukuthi uyabadinga. Ubengagcini ngokusho kuphela, ubesithumelela imali nge-eWallet athi eyokugibela akuyiwe ekhaya,” kusho uThembi.
Uqhube wathi ubengafuni ukuphoxa amalungu omndeni wakhe.
“Ubeze enze iphutha ngoba enqena ukukuphoxa uma ucela ukuthi nibonane avume ebe azi ukuthi ngeke eze,” kuqhuba uThembi.
Uma ekhona kubo kuthiwa bekuhlala kosiwa inyama kujatshulwa.
Umndeni ukhala ngokuthi kumsheshisile ukugula futhi ubungazitsheli ngesikhathi kumqala ukuthi kungagcina kumthathile. Uthe uze wamyisa esibhedlela sikahulumeni ngemuva kokuvumelana nomndeni, ekhala ngokuthi usechithe imali eningi ngesikhathi esifushane njengoba eqale walashwa eCity Hospital eThekwini.
Uthe bekungekhona ukuthi ushoda ngemali ngoba ubengathembele emculweni kuphela kodwa ubengusomabhizinisi njengoba enamatekisi amane athutha umphakathi ahambela eGoli.
Ngesikhathi Isolezwe ngeSonto lifika emzini kaMjikijelwa izolo, lifice Igcokama Elisha ebelizobhonga emswanini.
Kuphinde kwatheleka nabalandeli bakaMjikijelwa abafike bakhihla isililo egcekeni. Abanye baze bathuliswa amalungu omndeni ebaphuzisa amanzi bezibhonqa phansi. Kuphinde kwafika namalungu ebandla laKwaShembe elethe umkhuleko.
Kushone elayizolo lungakaziwa usuku azongcwatshwa ngalo uMjikijelwa kodwa umndeni wakhe uthe, uzongcwatshwa khona emzini wakhe.