USEJOYINE i-Organisation Undoing Tax Abuse (OUTA) uDkt Makhosi Khoza owaduma kakhulu eseyilungu le-ANC ePhalamende ebelikhuluma lingesabi USEJOYINE i-Organisation Undoing Tax Abuse (OUTA) uDkt Makhosi Khoza owaduma kakhulu eseyilungu le-ANC ePhalamende ebelikhuluma lingesabi
USEZOBA nguMqondisi enhlanganweni ebhekele ukuxhashazwa kwentela kulelli, i-Organisation Undoing Tax Abuse (OUTA), osanda kulaxaza iqembu lezombusazwe abelisungulile.
UDkt Makhosi Khoza usezoba yinhloko ophikweni lwezobuchwepheshe kwezohulumeni basemakhaya kwi-OUTA.
Ongesinye sezikhulu kule nhlangano, uMnuz Wayne Duvenage, uthe kubathokozisile kakhulu ukwamukela lesi sishoshovu kule nhlangano.
“Ngiyajabula namhlanje ukumemezela ukuthi uDkt Makhosi Khoza usejutshelwe esikhundleni sokuba nguMqondisi oMkhulu neNhloko yoHlelo loHulumni baseKhaya kusukela ngoJuni 1, 2018,” kusho uDuvenage.
Uthe abantu abaningi bayamazi uDkt Makhosi Khoza, akadingi ukwethulwa. Umchaze njengengqwele ekulweni nenkohlakalo kwezokuphatha kuhulumeni.
Umchaze njengomuntu onesibindi nozongena khaxa kulesi sikhundla ngenxa yamava anawo.
UDkt Makhosi Khoza uzwakalise ukujabula ngalesi sikhundla esisha sokuzibandakanya kwakhe nenhlangano "engakhethi".
“Kuyinto enomqondo ukwenza umehluko empilweni yabantu baseNingizimu Afrika emazingeni aphansi,” kuchaza yena.
Uthe lokhu kuzosiza ekulweni nokungaphathwa kahle kwemali nokulwa nenkohlakalo komasipala ngaphandle kokugxambukela kwezepolitiki.
“Inhloso ukwenza umehluko emphakathini, hhayi ukubanga umsindo ePhalamende,” kusho uDkt Khoza.
Bobabili uDkt Khoza noDuvenage, bazwakalise ukukujabulela ukusebenzela umphakathi ozokwazi ukuzwakalisa ukungenami kwawo uma kukhona okwenziwe uhulumeni okubheke eceleni.
Kuzokhumbuleka ukuthi uDkt Khoza ubesesungule iqembu lakhe lezepolitiki, i-African Democratic Change (ADeC), emva kokulaxaza i-ANC.