Izindaba

Iyaqina imizamo yeDA yokuchitha uMvikeli

Siyabonga Mkhwanazi|Published

U-Adv Busisiwe Mkhwebane iDA emphekela indlela yokuthi akhishwe kwesokuba nguMvikeli Womphakathi. Isithombe: Mike Hutchings/Reuters U-Adv Busisiwe Mkhwebane iDA emphekela indlela yokuthi akhishwe kwesokuba nguMvikeli Womphakathi. Isithombe: Mike Hutchings/Reuters

I-DA ifuna ikomiti lezobulungiswa ePhalamende liphakamise ukuthi kuxoshwe uMvikeli woMphakathi u-Adv Busisiwe Mkhwebane ngenxa yezinqumo zakhe.

Izolo iDA ikhale ngokuthi u-Adv Mkhwebane akawenzi umsebenzi ogculisayo, akuqokwe omunye umuntu.

Usihlalo obephethe izintambo, uMnuz Cedric Frolic noSotswebhu we-ANC ePhalamende, uMnuz Jackson Mthembu bathe balinde izimpendulo ekomitini lezobulungiswa ngesiphakamiso seDA.

UMthembu uthe bacele ikomiti ukuthi lilubheke lolu daba.

USotshwebhu weDA, uMnuz John Steenhuisen uthe kudala acela ikomiti lezobulungiswa ukuthi liphenye * -Adv Mkhwebane kodwa usihlalo walo uDkt Mathole Motshekga akamphenduli.

USteenhuisen utshele iPhini likaSomlomo wePhalamende uMnuz Lechesa Tsenoli ukuthi kudala ezama ukuthi kuphenywe ngokufaneleka kuka-Adv Mkhwebane ukuba aphathe isikhundla akuso kodwa ikomiti lezobulungiswa liyamziba.

“Ngicela nibuze uMotshekga ukuthi uzoluqala nini uphenyo ngo-Adv Mkhwebane..,”kusho uSteenhuisen.

UFrolick uthe ukhulumile noMotshekga ngalolu daba futhi ulindele umbiko ngesonto elizayo.

UMotshekga akatholakalanga ukuthi aphawule ngalolu daba.

I-DA yaqala ukwenza lesi siphakamiso ngesikhathi * -Adv Mkhwebane eveza ukuthi i-Absa ayisikhokhanga isikweletu seBhange loMbuso.

Kuyimanje * -Adv Mkhwebane usolwa ngokugodla ubufakazi ngodaba lwepulazi i-Estina njengoba esolwa ngokuvikela osopolitiki.

Ikomiti lezobulungiswa like lakhala ngoR15 million ochithwe yihhhovisi lika-Adv Mkhwebane ngamacala asezinkantolo.