KUSAZOBASHUBELA ongqongqoshe abaningi ngodaba lokunikwa ubuzwe bakuleli komndeni wakwaGupta, osolwa ngokuzitamuzela imali kahulumeni.
UNgqongqoshe woMnyango wezaseKhaya, uMnuz Malusi Gigaba ukuthole kunzima ukuchaza ukuthi amalungu omndeni wakwaGupta anikezwa kanjani ubuzwe.
Uveze ukuthi amanye amalungu omndeni anikezwa ubuzwe bakuleli ngaphambi kokuthi angene kulo mnyango.
Kuvela ukuthi lo mndeni wabuthola kudala ubuzwe ngakho kufanele kuze nabanye ongqongqoshe.
UMnuz Donald Gumede onguSihlalo wekomidi lezasekhaya uthe bafuna bonke ababengongqongqoshe ngesikhathi kunikwa abakwaGupta ubuzwe bazochaza.
Kuzophinde kuvele noNksz Faith Muthambi phambi kwaleli komidi kwazise ubekwa izinsolo zokuthi wayexoxa nomndeni wakwaGupta, ewunika imininingwane eyimfihlo kahulumeni.
Sekukaningi iDA iphakamisa ukuthi makube nophenyo ngodaba lokunikezwa ubuzwe komndeni wakwaGupta kodwa isiphakamiso sayo besichithwa.
Izolo uMnuz Haniff Hoosen uthe bayajabula ukuthi i-ANC ishintshe umqondo yavuma ukuthi kube nophenyo ukuze kutholakale iqiniso.
Uthe baningi abantu okufanele kuphenywe ukuthola kwabo ubuzwe ngaphambi kwesikhathi.
"Kukhona abantu abasebenzela i-ANN7 abasuswa e-India bazonikezwa ubuzwe bakuleli. Sifuna ukwazi ukuthi babuthola kanjani," kusho uHoosen.
Izelamani zakwa-Gupta oMnuz Atul noRajesh bathola ubuzwe babo ngo-2002 nango-2006.
Unkosikazi kaMnuz Ajay Gupta, uNkk Shiwani, unina uNkk Angoori namadodana akhe oKamal noSuraya Singhala banikezwa ubuzwe ngo-2015 emuva kokuthi isicelo sabo sichithiwe ngo-2014.
Ngesikhathi uMnuz Atul Gupta enikwa ubuzwe yiNkosi Mangosuthu Buthelezi eyayinguNgqongqoshe wezaseKhaya.
Ngesikhathi kunikezwa uMnuz Rajesh Gupta ubuzwe nguNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula owayengungqongqoshe wezaseKhaya.
Umkhululumeli kaNkk Mapisa-Nqakula, uNkk Joy Peter uthe ungqongqoshe uyakwamukela ukuthi kube nophenyo ngalolu daba.
Inkosi Mangosuthu Buthelezi ithe maningi amafayela ayedlula kuyona ngesikhathi ingungqongqoshe wezasekhaya kodwa ayikhumbuli ukuthi kukhona okubi ngesicelo sikaGupta kwazise ngaleso sikhathi umndeni wakubo wawungakagcwali emaphephandabeni.
Uthe ukube kwakukhona okubi sasizochithwa isicelo sikaGupta.