File image: IOL File image: IOL
MHLELI: Kwelakho eliyibeka indaba njengoba injalo lingahlonizi. Konekele, nakhu sibanjwa inkunzi ezweni sibhekile sidlala uMTN.
Kunento eyenzekayo engaqali. Sesikhalile ngayo kaningi, kukhala izifundiswa nabangafundile kodwa akekho ophumela obala kucace ukuthi uMTN uwufakela inselelo noma-ke sibhikishe sigcwale izitaladi.UMTN udlala ngathi. Inkinga uma uthi ubashayela ucingo ngenkinga osuke ubhekene nayo kuvane kudlalwe, ngawe uphicaphicwe kuhle kwengane.Ufike uthenge i-airtime ka-R30, uthi usakhulume imizuzwana uzwe sekukhuluma yomlungu ithi awusenamali. Uma ubathinta bavele belokhu ukukutshela ukuthi cisha iselula yakho imizuzu emihlanu. Uma ube nenhlanhla emva kwalokho iyavela i-airtime yakho kanti uma ube neshobolo isuke isihambe unomphelo.
Iqiniso licace bha ngisho nasebusweni benkawu ukuthi kudlalwa ngathi la. Kwesinye isikhathi uthenga lokhu abakubiza ngama-data ekubeni unayo i-airtime, uma uke wasebenzisa ama-data kuhamba konke ne-airtime. Kanti konakele kuphi ngempela? Iqiniso siyoze silithole kubani ngempela? Uma kufanele sishaye umduvo awushaywe noma sime ukusebenzisa uMTN ngoba siyaxhashazwa futhi kuyezwela. Kumele ungakhohlwa uMTN ukuthi thina asizona izalukazi noma amakhehla lawa abadlala ngawo.
Besifisa ukuthi isukunyelwe le ndaba. Wona-ke amaqembu epolitiki nezifundiswa zasezweni lonkana zithule zithini?
Mzokhona Mdu Gcabashe
eMkhambathini