Izindaba

Abahlaziyi basola iDA ngokungabi nentando yeningi

BONISWA MOHALE|Published

DA leader Mmusi Maimane. DA leader Mmusi Maimane.

ABAHLAZIYI bepolitiki bathi kuyamangaza ukuthi umholi weDemocratic Alliance (DA), uMnuz Mmusi Maimane ngeke ancintisane namuntu engqungqutheleni yokukhetha ubuholi bale nhlangano ezoba ngo-Ephreli 7 iphele ngo-Ephreli 8, eTshwane. 

Izolo iDA imemezele ukuthi uMaimane ngeke ancintisane namuntu njengoba amalungu ale nhlangano ephakamise ukuthi ayabuthemba ubuholi bakhe.

Ngempelasonto iDA ibinengqungquthela yokuqoka abantu abazongenela ukhetho lobuholi ngo-Ephreli kanti uNksz Anchen Dreyer, uthe bathole imingenelo engaphezu kuka-2 000.

Uthe uMaimane benoMnuz James Selfe ngeke bancintisane namuntu ezikhundleni abaphakanyiswe kuzo. 

UMnuz Ralph Mathekga ongumhlaziyi wepolitiki ozimele, uthe, kuyaxaka ukuthi iDA ehlale izigqaja ngokuba nentando yeningi inabaholi abangeke bancintisane namuntu engqungqtheleni yokukhetha ubuholi.

“Miningi imibuzo efika engqondweni ngesimemezelo se-DA ukuthi uMaimane ngeke ancintisane namuntu. Ngike ngazibuza ukuthi ngabe kuthathwe isinqumo sokuthi angaphazanyiswa muntu noma abekho abanye abaholi abangamelana naye. Kuyaxaka lokhu ngoba zijikile izinto kwipolitiki njengoba ne-ANC isinomholi omusha,” kusho uMathekga.

Uthe uMaimane ukwazile ukutholela iDA omasipala abathathu okuyiTshwane, iGoli neNelson Mandela Bay kodwa ukuya phambili kuzoba nzima ngoba nasephalamende azisekho izinto abashukumisa ngazo indlu.

Uthe ukube kuya ngaye ngabe uMaimane uncintisana nabaholi abafana noMnuz Solly Msimang abantu abafike kwezwakala kwipolitiki futhi abasebenza ngokuthula nabaholi bamanye amaqembu.

UMsimang ungenele isikhundla sokuba yiphini lomholi weDA lapho encintisana khona noMnuz Athol Trollip noDkt Annelie Lotriet. 

 Amazwi akhe ananelwe nguMnuz Thabani Khumalo naye ongumhlaziyi wepolitiki ozimele othe kubukeka sengathi iDA ilungisa isimo esithile ngaphakathi kuyona ngoba uma ibuswa ngentando yabantu kuza kanjani ukuthi uMaimane angabi nomuntu azobanga naye isikhundla?

“Lolu daba luvusa imibuzo eminingi ngoba iDA ihlale izigqaja ngokubuswa ngentando yabantu kodwa asazi noma abekho abaholi abangancintisana noMaimanei,” kusho uKhumalo.

Uthe akamboni uMaimane encintisana ne-ANC ne-EFF ngenxa yokuthi akakwazi ukukhuluma ngokuzimela ezindabeni zomhlaba nezokuguqulwa kokuphathwa komnotho. 

UMnuz Lukhona Mnguni uthe iDA idinga umbono omusha ngenxa yokuthi kuningi osekwenzekile kwipolitiki yaseNingizimu Afrika.

“Angimboni uMaimane eza nezinhlelo ezintsha zokufukula umnotho, ukudala amathuba omsebenzi ,” kusho uMnguni.