Ajay and Atul Gupta File picture: Independent Media Ajay and Atul Gupta File picture: Independent Media
IKOMIDI eliphenya ngezinsolo zokusetshenziswa kombuso yidlanzana kulindeleke ukuthi lisonge umsebenzi walo ngaphandle kokuthola ubufakazi bendodana yobenguMengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, uDuduzani Zuma nezelamani ezintathu zakwaGupta.
USihlalo wekomidi lamabhizinisi kahulumeni, uNkk Lungi Mnganga-Gcabashe, izolo utshele ikomidi ukuthi lizophothula umsebenzi walo lingabuzwanga nobufakazi bowayenguSihlalo weBhodi laseSAA, uNkk Dudu Myeni ongafikanga ephalamende.
Kulindeleke ukuthi uNgqongqoshe woMnyango wezaseKhaya, uMnuz Malusi Gigaba athule ubufakazi kusasa njengoba kunezinsolo zokuthi nguye owasiza abakwaGupta ukuthi bathole izinkontileka kuhulumeni.
UNkk Mnganga-Gcabashe utshele i-Independent Media, ukuthi iPhini loMphathi wamaJaji eNingizimu Afrika uJaji Raymond Zondo nguye osezongenelela lapho ikomidi lakhe lingafikanga khona.
"Sizamile ukuthola izelamani zakwaGupta noNkk Myeni kodwa asizitholi. Akukho esingakwenza ngoba kufanele sigoqe uma kuphela uMashi. Sesithemba ukuthi iKhomishini kaJaji Zondo yiyona ezofinyelela ezindaweni esingakwazanga ukufika kuzo," kusho uNkk Mnganga-Gcabashe.
Izelamani ezintathu zakwa-Gupta oMnuz Atul, Ajay noRajesh bekulindeleke ukuthi beze kuleli komidi namhlanje ukuzoziphendulela ngezinsolo zokuthi bezisebenzisana osopolitiki ukuthola amathenda kuhulumeni.
Izolo abammeli bazo batshele iphalamende ukuthi ngeke bakwazi ukuvela ngoba abekho eNingizimu Afrika.
Akwaziwa ukuthi izelamani zakwaGupta zikuphi njengoba oKlebe bezifuna ngodaba lwepulazi i-Estina.
Ikomidi litshelwe ukuthi uMnuz Duduzani Zuma ngeke avele ephalamende naye.
UNkk Dudu Myeni naye akafikanga ephalamende yize ebesebizwe okwesithathu.
UNkk Natasha Mazzone, weDA , uthe kufanele bajeziswe abadelela iphalamende ngokuthi baphoqwe yinkantolo ukuthi bazovela. Uma bengezi umthetho uthi kufanele baboshwe izinyanga ezingu-12," kusho uNkk Mazzone.
UMnuz Mzingisi Dlamini we-EFF uthe bazokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi izelamani zakwaGupta noGigaba bayajeza ngabakwenzile.
Uthe bazoya enkantolo uma iphalamende lingabajezisi laba.