Izindaba

I-UDM ikopele okwenziwa iDA

Mayibongwe Maqhina|Published

UDM leader Bantu Holomisa File picture: Henk Kruger/ANA UDM leader Bantu Holomisa File picture: Henk Kruger/ANA

I-UNITED Democratic Movement  (UDM) ikopele izinhlelo ze-Democratic Alliance zokucela amalungu omphakathi ukuthi abhalisele ukuba ngamalungu ale nhlangano ephalamende nakwizishayamthetho ezifundazweni. 

I-UDM eyiqembu eliphikisayo, icele amalungu omphakathi afuna ukungenela ukhetho luka-2019 emele leli qembu ukuthi abhalise ngaphambi kuka-Ephreli nonyaka. 

"Simema abantu baseNingizimu Afrika abafuna ukumela i-UDM ukuthi bafake izicelo zokuyimela ephalamende nakwizishayamthetho," kusho i-UDM ezikhangisweni. 

Izinhlangano eziningi zepolitiki okuhlanganisa i-ANC ne-EFF zithatha amalungu ephalamende kwizishayamthetho nasohlwini lwabantu abasuke bevoteliwe emagatsheni. 
Ukuqokwa kwamalungu ephalamende kuye kudale ingxabano ezinhlanganweni zepolitiki. 

Umholi we-UDM, uGeneral Bantu Holomisa uthe iqembu lakhe lisebenzisa abantu abaqokwe wumphakathi ezifundazweni eziningi. 

"I-UDM imandla kakhulu e-Eastern Cape kodwa ngenxa yohlelo oluvumela amalungu ukuthi aqembukele kwezinye izinhlangano ehlile. Sizama ukuvusa i-UDM kwezinye izindawo," kusho uHolomisa.

Uthe umkhankaso wabo wokumema amalungu omphakathi ukuthi amele i-UDM uhamba kahle ngoba baningi abantu abafuna ukuba kuleli qembu. 

"Sifuna uhlelo lokuqokwa kwabantu luhambe kahle, asifuni ukuzithola sesinohlu oluzolwisa amalungu ethu. Sizoba nezinkundla zokucobelelana ngolwazi kulabo abafuna ukuba ngamalungu ephalamende amele i-UDM ezizoba ngoJuni nangoJulayi. Sifuna bazi kahle ukuthi i-UDM imeleni nokuthi abavoti sibaheha kanjani. Siheha abantu abaneziqu zemfundo ephakeme nalabo abangafundile inqobo nje uma benekhono lokuphatha kahle abantu," kusho uHolomisa.

Uthe abafuna ukumela i-UDM akumele bazihathaze ngeziqu zemfundo ephakemengoba ipolitiki ifuna umuntu okwazi ukuheha abantu nokubachazela ngobuhle be-UDM. 

UMnuz Mabine Seabe obhekelele ezokuxhumana kwiDA, uthe bamema abantu ukuthi bafake izicelo uma befuna ukumela iDA kodwa okuhlukile ngabo wukuthi sebeqalile ukubheka labo abazomela iDA  ephalamende kumalungu abo. 

Umkhulumeli we-ANC, uMnuz Pule Mabe akatholakalanga ukuthi aphawule ngokwenziwa yi-ANC njengoba ucingo lwakhe beluvaliwe.