UKHOMISHANA wamaphoyisa kuzwelonke, uGeneral Khehla Sitole UKHOMISHANA wamaphoyisa kuzwelonke, uGeneral Khehla Sitole
UKHOMISHANA wamaphoyisa kuzwelonke, uGeneral Khehla Sitole, uthi zizokhishwa ebuphoyiseni izikhulu ezingenazo izitifiketi ezizivumela ukuthi zenze lo msebenzi.
“Sizothatha isinqumo esizovikela umphakathi nokuphepha kwezwe,” kusho uSitole.
Utshele amalungu ePhalamende akade embuza ukuthi benzani ngamaphoyisa angenazo izitifiketi eziwagunyaza ukuthi enze umsebenzi wawo.
Uveze ukuthi zihoxisiwe izitifiketi zamaphoyisa angu-81.
Amanye angu-1 229 asazohlolwa ukuthi akufanele yini ukwenza umsebenzi emuva kokuthi izitifiketi zawo ziphelelwe yisikhathi, amanye angu-4 184 okuhlanganisa nasebenza ophikweni lwezobunhloli kuvele ukuthi asebenza ngaphandle kwezitifiketi.
Kuvele ukuthi ezikhulwini zamaphoyisa ezingu-934, eziyisishiyagalombili zihoxiselwe izitifiketi zazo, ezingu-55 zinezitifiketi eziphelelwe yisikhathi bese ezingu-336 zisezinhlelweni zokuhlolwa ukuthi zisafanele yini ukwenza umsebenzi eziwenzayo.
Emaphoyiseni ahoxiselwe izifiketi zawo kukhona nelinguMajor General noBrigadier abayisikhombisa.
Kuvele ukuthi oBrigadier abangu-42 banezitifiketi eziphelelwe yisikhathi kanti noMajor General badinga ukufaka izicelo kabusha.
UNkk Angelina Molebatsi we-ANC ubuzile ukuthi kungani kunamaphoyisa amaningi kanjena asebenza ngaphandle kwezitifiketi nokuthi ngabe lokho kusho ukuthini ngomsebenzi wawo?”
Elinye ilungu le-ANC, uNkk Phindile Mmola neleDA , uNkk Dianne Kohler-Barnard babuze ukuthi yikuphi okwenziwayo ukuqinisekisa ukuthi amaphoyisa afaka izicelo zezitifiketi kungakapheli isikhathi.
USitole uthe amaphoyisa anezitifiketi ezihoxisiwe asebenza ezindaweni ezingebucayi futhi sebeqale izinhlelo zokuwahlola.
“Ngikhiphe umyalelo wokuthi kufanele kutholwe amaphoyisa anamakhono adingekayo emkhakheni, ikakhulukazi uma sithinta ezobunhloli. Sisheshise nezinhlelo zokuwahlola,” kusho uSitole.
IPhini likaSitole, uLt General Bonang Mgwenya, lithe bayayibuyekeza nemithetho yokusebenza kophiko olubhekele ukuqashwa kwamaphoyisa.
“Uma kukhushulwa izikhundla sithola ukuthi amaphoyisa awahlolwa. Sifuna ahlolwe ngaphambi kokuthi akhushulwe ezikhundleni ukuze kubonakale ukuthi enza umsebenzi omuhle yini,” kusho
uMgwenya.
UNkk Molebatsi ubuze ukuthi abangahlolwanga kuzokwenzekani kubona, ngabe bazohlala ezikhundleni zabo noma bazokwehliswa na?
USitole uthe bafuna ukuthi ukuqashwa kwezikhulu kuhambisane nokuhlolwa kwazo, uma singahlolwanga inkontileka izohoxiswa noma ehliswe ezikhundleni.
Uthe amaphoyisa ahoxiselwe izitifiketi asasebenza emaphoyiseni.
“Akusiwo wonke umuntu osebenza ebuphoyiseni odinga isitifiketi esimgunyaza ukuthi asebenze ngezimfihlo zezwe. Sizokwenza isiqiniseko sokuthi labo abasebenza ngezimfihlo bayahlolwa ukuthi bafanele ukwenza umsebenzi wabo bese benikezwa izitifiketi,” kusho uSitole.
Uthe labo abanezitifiketi ezihoxisiwe bazonikezwa omunye umsebenzi.