Bheki Cele. Bheki Cele.
UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa uBheki Cele useqinisekise ukuthi kuzobhekwa impilo ephilwa ngamaphoyisa, nanethemba lokuthi lokhu kuzonciphisa ubugebengu.
UCele, obeyingxenye yethimba longqongqoshe bezokuphepha ebeliphendula imibuzo ephalamende namhlanje, uveze ukuthi akusekho ukujikela emvakwendlu kumele iphenyiwe indlela amaphoyisa aphila ngayo.
Uthe bazolandela umyalelo kaMengameli Cyril Ramaphosa ngesikhathi enza inkulumo ayeyibhekise esizwe, lapho agcizelela khona ukuthi kuzomele kubhekwe nempilo ephilwa abantu ukuthi iyahambisana yini nomholo wabo.
Umbuzo bewuqhamuka kwiDA ne EFF akade befuna ukwazi ngempilo ephezulu ephilwa yilowo obeyibambela lika khomishana wamaPhoyisa kuzwelonke Khomotso Phahlane, bekhala ngokuthi beyisolisa.