Shaun Abrahams Shaun Abrahams
INHLOKO yophiko lezokushushisa uShaun Abrahams usefunge wagomela ukuthi noma ngubani othinteka enkohlakalweni yaseVrede dairy farm uzobhekana nengalo yomthetho.
"Siyaluphenya lolu daba. Uma uphenyo lwethu luholela ekutheni kubekwe abanye abantu amacala noma ikanjani sizokwenza lokho,"kusho u-Abrahams namhlanje ngesikhathi echazela ikomidi lezamaphoyisa ephalamende. Uthe akekho ozophunyuka ngisho noma kwenzakalani.
U-Abrahams ubephendula amalungu ephalamende abeveza ukungenami kwawo ngokusebenza kwalolu phiko lwezokushushisa, akhale nangokuthi lolu phiko kuhlanganisa namaHawks bamandla ekubopheni izisebenzi zikahulumeni kodwa alusondeli kosopolitiki.
Kuke kwaba nezikhalo ngosopolitiki abafana nowayengungqongqoshe wezokuMbhiwa, uMosebenzi Zwane noNdunankulu waseFree State ophinde abe nguNobhala Jikelele we-ANC, u-Ace Magashule, okunenkolelo yokuthi baneqhaza elibalulekile abalidlala enkohlakalweni yaleli famu kodwa akukho okwenzeka kubona.