SEKUNOMNYAKAZO odabeni lokuthi ukuqwayiza kube semthethweni kwazise izolo bekudingidwa umbiko weSouth African Legal Reform Commission (SALRC) ophakamisa ukuthi ukuhweba ngocansi kufaniswe neminye imisebenzi.
Izolo izinhlangano ezisiza umphakathi zitshele amalungu ePhalamende ukuthi azihambisani nokuthi ukuqwayiza kube semthethweni.
NgoDisemba i-ANC yaphakamisa ukuthi ukuqwayiza kufanele kungabi yicala.
UNkk Koketso Moeti we-Amandla.mobi uthe bazoqhubeka nokulwela ukuthi ukuqwayiza kube semthethweni futhi abahambisani nalabo abafuna ukucindezela amalungelo abaqwayizi.
ENingizimu Afrika kuyicala ukuqwayiza njengamanje elakuleli akulona kuphela elifuna kube semthethweni ukuqwayiza kwazise naseKenya abaqwayizi bafuna ukuhweba ngocansi ngokukhululeka.
UNkk Moeti uwugxekile umbiko weSALRC wathi abaqwayizi abazange banikezwe isikhathi esanele sokuzikhulumela futhi ufuna wenziwe kabusha ukuze babe nezwi.
“Sifuna uMnyango wezobuLungiswa usitshele ukuthi imithetho yokuqwayiza izoshintshwa nini ngoba sidinga isisombululo kulolu daba. Sifuna nabaqwayizi bazikhulumele ngoba abazange banikezwe isikhathi esanele sokufaka imibono yabo embikweni okhona njengamanje,” kusho uNkk Moeti.
Umbiko ngeziphakamiso zokuthi kube semthethweni ukuqwayiza ushicilelwe ngoMeyi wonyaka odlule kanti uphakamisa ukuthi ukuqwayiza kwabadala kungabi yicala.
UNkk Ntombovuyo Mente we-EFF ePhalamende uthe uyasiseka isiphakamiso sokuthi kube semthethweni ukuqwayiza.
“Uma ukuqwayiza kusemthethweni kuzosiza ukulwa nobugebengu obuthinta abesifazane ikakhulukazi abaqwayizi abahlukunyezwayo. Abaqwayizi badinga ukuvikelwa, badinga usizo lwezempilo, olwamaphoyisa nendawo ephephile yokwenza umsebenzi wabo,” kusho uNkk Mente.
Uthe uma ukuqwayiza sekusemthethweni abaqwayizi bazokwazi ukukhombisa amaphoyisa izigebengu ezishushumbisa abantu nalabo ababaphoqayo ukuthi bangene ngenkani emsebenzini wokuhweba ngocansi.