Izindaba

Uzofezekisa isethembiso sikaZuma uNgqongqoshe Bathabile Dlamini

Mary Jane Mphahlele|Published

Bathabile Dlamini. PHOTO/ANA Bathabile Dlamini. PHOTO/ANA

UNGQONGQOSHE woMnyango waBesifazane, uNksz Bathabile Dlamini, uthe, amanantombazane azothola amaqakelo mahhala ezikoleni kusukela emabangeni aphansi kuya kwaphezulu.

Eminyakeni eyisikhombisa edlule uhulumeni ka-ANC waphakamisa ukuthi abantu besifazane bazothola amaqakelo mahhala kodwa ubungakasifezi leso sithembiso.

ObenguMengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma watshela abalandeli be-ANC  ngesikhathi ethula inkulumo yakhe ka-Januwari 8, eLimpopo ngo-2011, ukuthi amaqakelo azonikwa bonke abantu besifazane mahhala. 

UNksz Dlamini uthe amaqakelo kufanele abe mahhala emantombazaneni aseya esikhathini ngoba awasebenzi ndawo. Asifuni ukuqhathanisa ukuthi yikuphi okubalulekile phakathi kwamaqakelo namakhondomu kodwa amakhondomu uwasebenzisa ngokuzikhethela. Ukuya esikhathini akuyona into ozikhethela yona yimvelo edinga ukuthi sinike abesifazane amaqakelo," kusho uNksz Dlamini. 

Utshele amalungu ephalamende ukuthi uzolwisana nodlame oluthinta abesifazane nezingane. 

IDA  ne-EFF ithe uMengameli Cyril Ramaphosa, kufanele asuse uNksz Dlamini esikhundleni sakhe ngoba wahluleka wukuphatha uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi. 

UNksz Dlamini, uthe, uzogxila ekuthuthukiseni abesifazane, aqinisekise ukuthi bayalingana nabesilisa ngokwemisebenzi abayenzayo futhi banezwi emphakathini. 

UNgqongqoshe weMfundo ePhakeme, uNkk Naledi Pandor, obesephalamende, ugqugquzele uNksz Dlamini, ukuthi agxile nasekuqinisekiseni ukuthi abesifazane abasezikhundleni eziphezulu banikwa amandla.

"Kunezingqinamba ezithile kuhulumeni ngoba sidinga kube nokulingana ngokobulili. Ngiye ngabheka ukuthi bangaki abesifazane abasezikhundleni eziphezulu. Kufanele siqinisekise ukuthi abantu besifazane bayangena ezikhundleni eziphezulu njengamadoda, angazi noma senza okwanele yini ngalokhu. Njengamanje bangu-40% abasezikhundleni eziphezulu," kusho uNkk Pandor.