Minister of Water and Sanitation Nomvula Mokonyane File picture: Phill Magakoe/ANA Pictures Minister of Water and Sanitation Nomvula Mokonyane File picture: Phill Magakoe/ANA Pictures
KUHLUKENE imibono ngokwandiswa kokudla okungeke kukhokhwe kukho intela yempahla, iValue Added Tax (VAT).
Namhlanje uhulumeni uhlangane nezinyunyana namaqembu aphikisayo ukudinginga lolu daba lokunyuswa kweVAT, isuka ku-14% ibe ngu-15%.
ICosatu igqugquzele amalungu ephalamende ukuthi ayichithe iVAT ngoba ilimaza abampofu.
UNgqongqoshe wezokuXhumana uNkk Nomvula Mokonyane, uthe, uhulumeni uzokwandisa izimpahla ezingeke zikhokhelwe iVAT ngenxa yezikhalo zomphakathi.
"Into esivumele ngayo wukuthi sizonyusa impahla engeke ikhokhelwe iVAT emuva komhlangano noMengameli wezwe,uMnuz Cyril Ramaphosa. Okwamanje uMnyango wezeziMali uzobhunga nongqongqoshe abafanele ukuthi iyiphi impahla okufanele ingayikhokhi iVAT," kusho uMokonyane.
Uthe kuzothintwa zonke izinhlangano ngalolu daba bese kubuyiswa iziphakamiso zazo ephalamende.
ICosatu ithe ukunyuswa kweVAT yindlela kahulumeni yokuphoqa abasebenzi ukuthi bakhokhele izono zabanye futhi bayayichitha indaba yokwandiswa kokudla okungakhokhelwa iVAT.
Ithe konke ukudla akufanele kukhokhelwe iVAT kanjalo namanzi, ugesi, izincwadi nomfaniswo wesikole.
UMnuz Alf Lees weDA, uthe,umnyakazo owenzeka ekhabhinethi ukhombisa ngokusobala ukuthi i-ANC izama ukulungisa isimo ngenxa yokuthi umphakathi udiniwe ngokunyuswa kweVAT.
"Ngeke kwenze mehluko ukwandiswa kwempahla engayikhokhi iVAT ngoba uma ufuna ukuletha ushintsho kwabampofu kufanele uqale kwezokuthuthukiswa komphakathi. Ukunyuswa kweVAT bekuzogwemeka ngokuthi kwehliswe ikhabhinethi njengoba kungongiwa u-R112 million. INingizimu Afrika iphinde iphume kwiNew Development Bank nezinye izinhlangano ezingenasidingo," kusho uLees.
UMokonyane uthe aludingidwanga udaba lokwehliswa kwekhabhinethi nokuhlanganiswa neminyango.