OWESIFAZANE wasesigodini eNdluzeleni emaChunwini, eMsinga, uthi uxoshiswe okwenja enethile emzini wakhe, ngesikhathi ezozila njengoba eshonelwe wumyeni.
UNkz Zandile Mchunu (42) oshadele kwaNgubane kodwa obiza isibongo sakubo, uthi uxoshwe ngesikhathi eyozilela umnyeni wakhe uMnuz Vusi Ngubane (44) oshone emuva kokuzidubula ngoMsumbuluko emzini wabo. Umkamufi uthi wahamba kwakhe ngoJanuwari nezingane zakhe ezimbili waya eGoli.
Uthi wayeyophumuza ikhanda ngoba umufi ubemhlukumeza emshaya ngesibhamu.
Uveze ukuthi wamazisa u-anti wakhe wasemzini ngokuhlukumezeka kwakhe kodwa waqhubeka nokumhlukumeza.
NgokukaNksz Mchunu, ngesikhathi eyopholisa ikhanda eGoli, wayezitshela ukuthi uzoshintsha umyeni wakhe, azisole kodwa lutho.
Eseshonile umyeni wakhe uthi ngoLwesibili yena nodadewabo baya kobona emzini, waxoshwa.
Uthi isono sakhe esiholele ekutheni axoshwe, wukuthi uveze iqiniso ngomyeni wakhe ukuthi akazalwa kwaNgubane.
“Umyeni wami esaphila wacela ukuthi uma eseshonile akothintwa abantu bakwaMbatha, okuyisibongo sakhe sangempela. Badinwe bagana unwabu abakwaNgubane ngibatshela lokhu, bangixosha.
“Iningi labo angilazi, bengiqala ukulibona selokhu ngagana kulo muzi,” kusho uNksz Mchunu.
Ukhale nangokuthi usephucwa nendodakazi yakhe endala eyahamba ngonyaka odlule iyofunda uGrade 8 ku-anti wayo.
“Ayisangifuni nalapho ngihambe khona. Uma ngiqhamuka iyabaleka, ize yajahwa kodwa yangavuma ukuza kimina.
“Asazi nokuthi sizoya kanjani emngcwabeni. Sizibona singaphephile uma siya,” esho ekhihla isililo. UMnuz Lucky Ngubane (68) othe unguyise kamufi, uthe basashaqekile ngalesi sigameko futhi akuvumi ngisho akhulume.
Uthe umakoti abamxoshanga kodwa uzihambele ngoba bebefuna ukwazi ukuthi ubekuphi ngesikhathi indodana yakhe izibulala.
Uthe yena ubazi ukuthi
umufi uganiwe. Umngani kamufi ocele ukuthi angadalulwa, uthe umufi ubehlala ekhala ngokuthi umoya wakhe ukhubekile ngokuhamba kwenkosikazi yakhe.
Uthi ubesesaba nokuphumela emphakathini, ebona sengathi abantu bayamhleka futhi nemfuyo yakhe izolahleka njengoba naye engahlali ekhaya ehlala emsebenzini.
Uqhube wathi umufi wafika ngoLwesihlanu ecele izinsuku ezimbili emsebenzini.
Uthi ngoMgqibelo wazivalela endlini belokhu bemduduza.
Wagcina ukuxoxa naye ngeSonto, kwathi ngoMsombuluko ngezikhathi zamadina, wayombheka, wamemeza, wangasabela.
Uveze ukuthi wazama ukuvula umnyango wamfica esebanda, enenxeba enhliziyweni negazi selomile, kukhona incwadi eceleni kwakhe, echazayo ukuthi kungani ezibulele.
Umndeni wakwaMbatha uthe umufi ubeyindodana yawo, wahlatshelwa nembuzi engeniswa ngokusemthethweni kodwa akukho abangakwenza uma abakwaNgubane bethi bazomngcwaba.
Bathe umakoti nguyena ozothatha isinqumo sokuthi uzoqhubeka nasiphi isibongo.