SISHAYELWE ihlombe isabelozimali sika-R158.5 million uNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Malusi Gigaba , asinikeze i-Independent Police Investigative
Directorate (Ipid).
I-Ipid ibikhala ngokuthi ayinayo imali yokuqhuba umsebenzi wayo wamaphoyisa aphula umthetho.
I-Ipid iveze ukuthi ayinayo imali yokuqasha abasebenzi abazoyisiza ukuxazulula amacala.
Iveze ukuthi inezikhala zomsebenzi ezingu-27 nabasebenzi abangu-388.
"Isabelozimali sizosiza ukuthi kulungiswe amaphutha ayebonwe ngumcwaningi mabhuku kulungiswe nezokuphathwa kwamacala. Bazokwazi nokuthuthukisa ezobuchwepheshe nezokuphepha emahhovisi abo," kusho amalungu ekomidi lezokuphepha ephalamende.
UMnuz Francois Beukman onguSihlalo wekomidi lezokuPhepha ephalamende, usishayele ihlombe lesi sinqumo esho nokuthi i-Ipid isizowenza kahle umsebenzi wayo.
"Uma i-Ipid ingenayo imali eyanele ayikwazi ukusebenza kodwa njengoba kungena imali, amacala azophenywa futhi kujeziswe abaphula umthetho," kusho uBeukman.
Ugqugquzele i-Ipid ukuthi igcwalise izikhala zomsebenzi ukuze ithole umbiko omuhle kumcwaningi mabhuku.
UMnuz Zakhele Mbhele weDA, uthe, bakhathazekile ngoba i-Ipid ihlale inemali encane bese iba nezingqinamba uma sekufanele iphenye amaphoyisa.
""Sizoqhubeka nokuxoxa namalungu ekomidi lezokuphepha ukuze i-Ipid ithole imali eyanele ezoyisiza ukwenza umsebenzi," kusho uMbhele.
I-Ipid ayitholakalanga ukuphawula ngokunikezwa imali ethe xaxa.