Izindaba

Umfana (11) udubule udade (2) wazibulala

BAWINILE NGCOBO|Published

USALE ushaqekile umndeni nomphakathi waseMacekane, eMpangeni, ngemuva kokuthi umfana oneminyaka engu-11 edubule udadewabo oneminyaka emibili naye wabe eseyazidubula wafa.

Isolezwe lithole ukuthi lesi sigameko senzeke ngemuva kwehora leshumi ngoMgqibelo ebusuku ngesikhathi uyise walezi zelamani ehambise unina emsebenzini.

Akucaci nokho ukuthi lezi zingane bezisele nobani ngesikhathi kwenzeka lesi sehlo.

Kuthiwa lo mfana ubedlala ngesibhamu sikayise ongujele esisemthethweni ngesikhathi sidubula silimaza udadewabo kodwa akucaci ukuthi ubesithole kanjani.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe umbiko abawutholile emaphoyiseni uveza ukuthi lo mfana udubule udadewabo kwathi uma ebona ukuthi uselimele wabe esebhekisa isibhamu ngakuye wazidubula.

“Umfana ushonele endaweni yesigameko, udadewabo waphuthunyiswa esibhedlela kanti ushone namuhla (izolo),” kuchaza uColonel Mbele.

Uthe amaphoyisa aphenya icala lokubulala nelokufa komuntu ngemuva kwalesi sigameko.

UColonel Mbele uthe amaphoyisa asithathile isibhamu sikayise wezingane esisetshenzisiwe kodwa uphenyo oluzoveza umkhombandlela wokuthi bube khona yini ubudedengu ngendlela ebesigcinwe ngayo.

Isolezwe lithole ukuthi abazali balezi zingane bebesesimeni esibi kakhulu njengoba beshonelwe yizingane zabo zombili ngale ndlela, kuthiwa bebelokhu bekhala bengakwazi nokukhuluma ngesehlo.

UColonel Mbele unxuse bonke abanikazi bezibhamu ukuthi baqinisekise ukuthi abaphambani nomthetho iFirearms Control Act ngokuhluleka ukuzibeka endaweni ephephile ngoba lokho kuyicala.

Uthe ukuhluleka ukubeka endaweni ephephile isibhamu kuyicala elingaholela ekutheni umuntu ashushiswe futhi kungaholela ekutheni kulahleke impilo yabantu kungenasdingo.