Izindaba

Ukudlisana kuholela ekubulalaneni - ungoti

Khethukula Sangweni|Published

File picture File picture

UKWANDA kwezigameko zamasoka abulala izintombi zawo ngesihluku ngoJanuwari, sekuphinde kwashiya imibuzo eminingi emphakathini. Lezi zigameko ezibonakale zanda zishiye abaningi bethuthumela. UKHETHA SANGWENI usibhekela nokungaba yizimbangela zazo.

NJENGOBA sibingelela inyanga yezothando sengathi ibingelelwe kabi njengoba sibabaza isihluku sokubulawa kwabesifazane bejuqwa yilabo okufanele ngabe babanika uthando.

Izigameko esikhuluma ngazo esokuqala yileso sikaNksz Skhulile Khuzwayo (23) waseMpangeni obulawe yisoka lakhe elingumfundisi licikwa ukwaliwa. Esinye esiqaphelakayo esibike ngaso ngesonto eledlule lapho uNksz Sbongile Ntshangase (32) obulawe nesoka lakhe elisha, kwaboshwa isoka lakhe elidala okuthiwa belidinwa ukwaliwa.

Kuthiwa lo msolwa wabafica bezitika ngocansi, wababhokoda ngomkhonto wabashisa.

Kusanda kubulawa uNksz Nosiviwo Ntombela (18) okuthiwa isoka lakhe limbulalele ukuthi alifuni afunde futhi limsola ngomjolo.

Emasontweni edlule siphinde sabika ngomfundisi waseSahlumbe osolwa ngokubulala umkakhe nendodana angayizali ecikwa ukuthi le ndodana ibivakashele uyise oyizalayo nokuyinto abengahambisani nayo lo mfundisi. Igama lomufi uNkk Fikani Ndlovu okuthiwa wabulawa ephuke umlenze nokwakukhomba ukuthi wayekade waqala ukushaywa.

Kusanda kuboshwa owesilisa ngasekuqaleni kukaJanuwari emuva kokuthi kufe intombi yakhe nengane. Kusolwa ukuthi UNksz Nelisiwe Ntuli (24) wabulawa yisoka lakhe nengane yabo labagqiba ngasoThongathi. Kuthiwa lo mlisa wanqabela le ntombi ukuya kubo ngamaholidi kaKhisimusi.

Ongoti abaxoxe naleli phephandaba, babeke izinto ezzhlukene njengokuyizo abacabanga ukuthi zingaba yizimbangela zalesi sihlava.

USihlalo wenhlangano yabelaphi bendabuko KwaZulu-Natal uDkt Sazi Mhlongo, uthe ikhona inkinga ngendlela okusetshenziswa ngayo imithi yothando.

“Imithi yothando ikhona kodwa akuyona eyezingane kwakuyinto yabantu abadala, manje nezingane sezisebenzisa imithi yothando. Okunye okuhluphayo ukuthi izinyanga sezigcwele wonke umhlaba, zingayazi nemithi, zinika abantu imithi okungeyiyo nokugcina kudala izinkinga ekugcineni,” kusho Mhlongo.

Uthe kufanele abantu ikakhulukazi abasha baqaphele imithi abayitholayo bayisebenzise ngoba abanye bafaka amasoka idliso bese befuna ukuwashiya bese kuba nzima ukwemukela lokho emasokeni. Uthe ukuntula ulwazi kubantu, kwenza bahambe behlanganisa imithi abangayazi bethi balungisa izindaba zothando.

UNksz Fikisile Thabethe owungoti kwezobudlelwano kwaFAMSA uthe ziningi izinto eziba yimbangela yokubulalana kwezithandani. Uthe okuvamisile ukuthi abesilisa basuke bekhule benentukuthelo.

“Kuyenzeka umuntu akhule ehlukumezeka ekhaya, nakanjani leyo nzondo nentukuthelo uzoyedlulisela kumuntu athandana naye. Le nto iqala ngezinto ezincane ezinganakekile njengokuthi umuntu afune ukulawula, afune ukwazi yonke into oyenzayo nokuthi unobani kuphi, kuye endleleni akhuluma ngayo nawe” kusho uNksz Thabethe.

Uthe inkinga enkulu abantu besifazane bayathula bezitshela ukuthi abantu babo bazoshintsha bese bedloba kakhulu kunakuqala, bagcine bebabulala.

“Enye into elimaza kakhulu abazali bethu uma sibika ukuthi siyahlukunyezwa, kuvele kuthiwe onke amadoda anjalo kufanele sibekezele. Izinto ezinjalo azisalindelekile kule minyaka esiphila kuyo, sekufanele izinto zisukunyelwe zilungiswe kungaze konakale,” kusho uNksz Thabethe.

Uthe abesifazane kufanele bakujwayele ukukhuluma nezithandwa zabo bakusho abangakuthandi. Akabashiyanga ngaphandle nabesilisa esho ukuthi nabo babhekene nayo ingwadla yokuhlukumezeka.

“Akufanele sisike nganxanye okommese ngoba le nto yokuhlukumezeka ikhona nhlangothi zombili, sinobufakazi bokuthi amadoda ayahlukunyezwa ikakhulukazi ngokomphefumulo. Kunomama abawakhacayo amadoda bakhulume ngendlela abayithandayo nokwenza indoda igcine isokole emzini wayo,” kuphetha uNksz Thabethe.

Umholi webandla i-Abundance Life Ministries, uMfundisi Siyabonga Nxumalo, uthe kubalulekile ukuthi emasontweni kube nezithangami ezidingida izindaba zamadoda.

“Siba nayo imihlangano amadodana noyise ahlale agonyuluke zonke izinkinga ukuze angahlali nazo zinqwabelane bese bezikhiphela kumakhosikazi. Ngicabanga ukuthi izimbangela zalesi sihlava kuba yizinkinga zakudala ezingalungiswanga bese zidala intukuthelo endodeni,” kusho uNxumalo.

Uthe okunye kuba umlando ongemuhle womndeni lapho okuzalwa khona indoda.

“Kuyaba ufuzo olubi lwesihluku lugcine lwedlulele ngezizukulwane, bese uma seluvuka lube namawala. Okunye kuyaba umoya nje omubi ongene kumuntu olwa nokuthi umshado ungabi yimpumelelo, abanye uthole ukuthi kwakubekwe izifungo zokuthi ngeke bashade,” kusho uNxumalo.

Okhulumela uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Ncumisa Ndelu, ufanise lesi sihlava nomdlavuza omise kabi abantu bakuleli.

“Uthando kufanele lube mnandi futhi lujabulise hhayi uzwe ubuhlungu ugwazwe ushaywe. Uma unenhlanhla uphuma nezibazi kodwa imvamisa bayabulawa abantu othandweni belibele ukubekezela engabe bayalwa nokuhlukunyezwa,’’ kusho uNkk Ndelu.