KUWUSHUBELE umndeni wakwaGupta njengoba oKlebe bewuphenya ngezinsolo zokuthinteka ekulawulweni kombuso yidlanzana.
I-Independent Communications Authority of South Africa (Icasa) ikuqinisekisile ukuthi izophenya iMultiChoice ngezinsolo zomgwazo kaR100 million neSABC ngezinhlelo ze-digital migration.
IMultiChoice ephethe iDStv neM-Net isolwa ngokukhokhela isiteshi sezindaba i-ANN7 eyayiphethwe ngabakwaGupta uR25 million. Isolwa ngokunyusa inkokhelo ye-ANN7 isuka kuR50 million iya kuR141 million ukuze ibe nezwi uma uhulumeni esekhiqiza amabhokisi acacisa isithombe kwithelevishini.
I-DA ifake isikhalo kwi-Icasa icela ukuthi kuphenywe ngemali ekhokhwa yiMultiChoice eziteshini zezindaba.
UMnuz Paseka Maleka, obhekele ezokuxhumana e-Icasa uvumile ukuthi
bayaphenya.
“I-Icasa idlulisele lolu daba ophikweni lwayo olubhekele ukusebenza kweziteshi zokusakaza. Kuzothi uma sesiluqedile uphenyo sikhulume neDA ngokwenzekayo,” kusho uMaleka.
UNksz Phumzile van Damme, okhulumela iDA, uthe bayakujabulela ukuthi i-Icasa izophenya ngoba abantu baseNingizimu Afrika kufanele bazi ukuthi imali eyakhokhwa yaphuma ngokusemthethweni yini.
“Izinkampani ezifana neMultiChoice kufanele zinikezwe ithuba lokudala imisebenzi kodwa lokho akusho ukuthi aziphule umthetho. Kufanele zincintisane kahle nezinye. Ayikho inkampani esiyilwelayo kodwa kufanele sisukume uma kukhona abaphula umthetho,” kusho uNksz van Damme.
UMnuz Kaizer Kganyago okhulumela iSABC uthe akazi lutho ngalolu phenyo.
“Uphenyo luthinta iMultiChoice kodwa uma bedinga okuthile kithina sizobasiza,” kusho uKganyago.
I-New Age ephethwe yi-Infinity Media enamasheya amaningi kwi-ANN7 neTNA Holdings nayo izophenywa njengoba kunekhomishini ezophenya ngokulawulwa kombuso yidlanzana.
UNkk Maritjie Groenewald, oyiNhloko yezokuxhumana kwaMultiChoice akayiphendulanga imibuzo ye-Independent Media eshicilela Isolezwe. UMnuz Mzwanele Manyi owathenga i-ANN7 neNew Age kwabakwaGupta esebenzisa uhlelo lokubolekwa imali abantu abakudayiselayo, akakaze ayiphendule imibuzo ye-Independent Media kusukela ezinyangeni ezinhlanu ezedlule.