ZIZOBIZA u-R13 million izichuse zabaholi be-ANC, uMnuz Oliver Tambo noDkt Nelson Mandela ezizogxunyekwa eThekwini. ZIZOBIZA u-R13 million izichuse zabaholi be-ANC, uMnuz Oliver Tambo noDkt Nelson Mandela ezizogxunyekwa eThekwini.
ZIZOBIZA u-R13 million izichuse zabaholi be-ANC, uMnuz Oliver Tambo noDkt Nelson Mandela ezizogxunyekwa eThekwini.
Lesi sinqumo sithathwe yikomiti elihlanganise amaqembu ahlukene elibhunga izindaba zikamasipala i-executive committee (exco) ngoLwesibili.
Ilungu ebelimele i-IFP kuphela elingazange libe yingxenye yesinqumo ngoba lifuna ukuxoxisana namalungu ekhokhasi yalo.
Kulindeleke ukuthi lolu daba luphinde ludingidwe emkhandlwini lapho okuzothathwa khona isinqumo sokugcina kodwa lesi sinqumo sesifana nesithathiwe njengoba i-ANC kuyiyo enamalungu amaningi futhi lesi sinqumo sesekwa nayi-DA.
Umbiko owethulwe uphiko lwakwaParks, Recreation and Culture kwi-exco uveze ukuthi kunesidingo sokuthi bahlonishwe laba baholi eThekwini.
“Njengelinye lamadolobha amakhulu eNingizimu Africa, iTheku alinayo imifuziselo yokuhlonipha iqhaza elibanjwe nguMnuz Oliver Tambo noDkt Nelson Mandela ngaphandle kwesikhungo semfundo ephakeme iNelson Mandela School of Medicine nomfuziselo kaDkt Nelson Mandela osoHlange.”
Umbiko ophelele wezimali ngalolu hlelo lonke kulindeleke ukuthi wethulwe kumkhandlu uma kuqhubeka isikhathi.
U-R13 million imali okukholakala ukuthi kuzobiza yona ukukhiqizwa kwemifuziselo, ukugxunyekwa nokwembulwa kwayo.
Umbiko awusho ukuthi zizogxunyekwa kuphi lezi zichuse.
Iphini leMeya uNkk Fawzia Peer uthe kusazokwenziwa izingxoxo namalungu omphakathi mayelana nale mifuziselo.
Ngokusho kombiko kukhona izinhlangano esezibikelwe ngawo. Kulezi zinhlangano kubalwa izikhungo zemfundo ephakeme, iDurban Art Gallery, iBat Centre, iPhansi Museum neMahatma Gandhi Memorial Trust.
Ne-DA ivumelene nohlelo lokugxunyekwa kwalezi zichuse.
Ikhansela le-DA uMnuz Heinz de Boer uthe iyodwa kuphela into emkhathazayo ukufakwa kwepolitiki kulolu hlelo. Ucele ukuthi ingafakwa ipolitiki kulona.