Izindaba

Usuku Oluhle kudado oyoqala esikoleni

Zanele Mthethwa|Published

USEWUBHEKE ngabomvu unyaka wokuqala esikoleni u-Oluhle Duma oyoqala uGrade 1 namuhla eBhekulwandle Primary, obeyothengelwa umfaniswano izolo USEWUBHEKE ngabomvu unyaka wokuqala esikoleni u-Oluhle Duma oyoqala uGrade 1 namuhla eBhekulwandle Primary, obeyothengelwa umfaniswano izolo

NGESIKHATHI kulindeleke ukuthi ezinye izingane zikhale ubumayemaye ziyobhekana okokuqala nobuso bukathisha ekilasini, u-Oluhle Duma (5), ulubheke ngabomvu usuku lwanamuhla.

U-Oluhle oyofunda uGrade 1 eBhekulwandle Primary kwaFelekisi ngaseManzimtoti, ukubafundi ababuyela esikoleni namuhla. Okwakhe kuhlukile njengoba ejabulela nokuyoqala isikole.

Isolezwe limthole ehamba nonina uNkk Thanda Duma bezothenga umfaniswano eGem Schoolwear izolo. Bekucaca ukuthi usekulungele ukuqala isikole namuhla ngoba bese egundile esesisusile isitayela iFade unina athe ubesigunde ngamaholidi.

“Besejahe kabi ukuyoqala esikoleni futhi ngiyazi ngeke ahluphe. Ngeke afane nezingane eziqalayo ukuyeka impilo yokuhlala ekhaya ngoba uwenzile uGrade R. Sengimlungiselele konke futhi uzohamba ngezinyawo ngoba isikole siseduze kwasekhaya,” kusho uNkk Duma.

Ngesikhathi elinganisa umfaniswano u-Oluhle ubelokhu emoyizela efihla izisini ezingaphambili.

Njengoba kuwusuku lokuqala esikoleni namuhla, uMnuz Johannes du Plessis ongumeluleki wezomthetho kwaRisk Benefit Solutions, uthe abazali kumele baqwashise izingane ngomkhuba ‘wokufikisana’ esikoleni. Uthe ziningi izindlela zokufikisana okubalwa ukwenziwa ihlaya kwezinye izingane nokuphucwa izinto zazo. Ukhumbuze abazali ukuthi ingane eyenza lo mkhuba ingathathelwa izinyathelo yingakho abazali kumele baxwayise izingane ngawo.