Izindaba

Kuzungezwa izinkampani ezidlelana nabakwaGupta

Kailene Pillay|Published

U-Ajay no-Atul Gupta File. Isithombe: Independent Media U-Ajay no-Atul Gupta File. Isithombe: Independent Media

ZINGAPHEZU kuka-12 izikhulu eziqaphe izinto kuhulumeni nalabo ababheke ukugcinwa komthetho abazungeza izinkampani nosomabhizinisi abasebenzisana nomndeni wakwaGupta kufunwa uR50 billion owaluthwa ezinkampanini zikahulumeni.

I-National Prosecuting Authority (NPA), Asset Forfeiture Unit (AFU), Specialised Commercial Crime Unit, aboMnyango weziMali, iFinancial Intelligence Centre, iCompanies and Intellectual Property Commission noKlebe bayasebenzisana kulo mzamo.

Inhloko esabambile ye-AFU, u-Adv Knox Molelle, ithe basathumela amasamanisi kwabakwaGupta ophenyweni olusaqhubeka ngalabo abathinteka embikweni woMvikeli woMphakathi wokulawulwa kombuso yidlanzana.

UMolelle uthe i-AFU ibheka amacala awu-17 kodwa ayisithupha asefakwe enkantolo.

“Siyathemba sizothola incwadi yasenkantolo emasontweni ambalwa ezayo ezosigunyaza ukuthi sishaqe impahla. Kuseyisiqalo lesi,” kusho uMolelle.

Uthe uyathemba ukuthi imali eningi izotholakala kungakapheli unyaka wezimali olandelayo.

Sebethole incwadi ebagunyaza ukuthi bashaqe impahla ka-R1.6 billion ezinkampanini ezisebenzisana nomndeni wakwaGupta, iMcKinsey neTrillian.

U-Adv Malini Govender oyiNhloko yeNPA Specialised Crime Unit (SCCU) uthe baqale ukucubungula ubufakazi ngonyaka odlule nethimba labantu abaningi abakwiNPA, SCCU, aboMnyango wezeziMali, AFU nabanye.

Uthe baphenya izihloko eziyisikhombisa ezivela embikweni wokulawulwa kombuso yidlanzana, olulodwa oluthinta i-Estina, inkampani ehlanganiswa nomdeni wakwaGupta eFree State.

Umkhulumeli weMcKinsey ozinze e-United Kingdom, uMnuz Steve John, uthe bayayemukela yonke imizamo ezobasiza ukuthi bakhokhe imali ngoba kade bezama ukuyikhokha kusukela

ngo-Okthoba.