IMENENJA kaMasipala waseCape Town uMnuz Achmat Ebrahim usule isigubhukane izolo eshiya umsebenzi asewenze iminyaka engu-12 emuva kokuvela kwezinsolo zenkohlakalo yezigidi zamarandi nokuphenywa kweMeya yakulo Masipala uNkk Patricia De Lille.
I-ANC ikwamukele ukwesula kukaEbrahim ithi vele yayingahambisani nokuqokwa kwakhe.
UMnuz Khaya Yozi okhulumela i-ANC esifundeni iDullah Omar uthe "Ukuqokwa kuka-Ebrahim sasingahambisani nakho kwasekuqaleni ngoba kwakungathi akulandelwanga imigomo,"
U-Ebrahim usulile emuva kokuthi uphenyo oluzimele luthe yena noNkk Melissa Whitehead onguKhomishana wezokuThutha eCape Town mabaqondise izigwegwe.
Umholi weDA eWestern Cape uMnuz Bonginkosi Madikizela uthe u-Ebrahim ubatshele ukuthi uphenyo olwenziwa ngaye nezinye izikhulu luyamkhathaza futhi ubone kungcono ukuthi asule.
Uthe u-Ebrahim uthembisile ukuthi uzosebenzisana nabaphenyi uma bedinga ubufakazi. U-Ebrahim usolwa ngokufihla u-R44 million owakhokhela ukuthenga oshesi abangu-29 bamabhasi akwaVolvo.
UYozi uthe i-ANC ilindele umbiko wabaphendi abazimele ozocacisa ngezinsolo.
UMnuz Grant Haskin we-ACDP uthe ukusula kuka-Ebrahim kusho ukulahleka kwethalente kuMasipala waseCape Town.
"Ukusula kwakhe esikhathini esinzima kuyasikhathaza ngoba bekufanele alinde kuphothulwe uphenyo. Besithi uzoqhubeka nomsebenzi wakhe ukuze ahlanze igama lakhe," kusho uHaskin.