Jacques Pauw, right, is standing his ground in the face of pressure over his book on President Jacob Zuma. Graphic: Rowan Abrahams Jacques Pauw, right, is standing his ground in the face of pressure over his book on President Jacob Zuma. Graphic: Rowan Abrahams
SEKUSUNGULWE isikhwama esizosiza intatheli ebuye ibhale izincwadi uMnuz Jacques Pauw ukuzivikela emacaleni abekwa wona.
Lesi sikhwama siphethwe yinhlangano iMedia Monitoring Africa (MMA) ezoqinisekisa ukuthi iPauw uyazivikela emacaleni athinta incwadi yakhe ekhuluma ngenkohlakalo nokusetshenziswa kombuso yidlanzana esihloko sithi The President’s Keepers.
UPauw uthe uyajabula ukwesekwa wumphakathi ngoba kusho ukuthi abameli bakhe bazokwazi ukulwisana nabambophayo.
“Abantu bahlale bengibuza ukuthi angisabi yini, ngibaphendule ngokuthi angisabi ngoba ngivikelwe yizigidi zabantu baseNingizimu Afrika. Uma bengihlukumeza, umphakathi uyangivikela,” kusho uPauw.
Abantu bayakwazi ukufaka imali ezosiza uPauw esikhwameni seMMA okuyinhlangano ebhekelela ukusebenza kwabezindaba eNingizimu Afrika. UPauw uthe usibonile isicelo sakwaSouth African Revenue Service (SARS) sokumyalela ukuthi angasakhuluma ngencwadi yakhe esidlangalaleni.
“Asikho isizathu sokuthi bangivimbele ukukhuluma ekubeni sebengivulele amacala. Ukusungulwa kwalesi sikhwama kuzongisiza ngoba maningi amacala engibekwe wona. Angazi ukuthi ikusasa lingiphatheleni mhlawumbe kuseza amanye,” kusho uPauw.
NgoDisemba iSARS ivulele uPauw icala lokwephula umthetho wentela iTax Admnistration Act ngokudalula imininingwane ethi uMengameli Jacob Zuma ubengumsebenzi ebhizinisi likaMnuz Roy Moodley ngesikhathi esaqala ukungena esikhundleni sakhe.
Abashicileli bencwadi kaPauw bathe bazolumela enkantolo udaba oluthinta iSARS.
“Usesatshiswe kaningi uPauw nabashicilele incwadi yakhe iNB Publishers,” kusho iMMA esitatimeneni.
Ichaze uPauw njengentatheli ehlonishwayo futhi enesipiliyoni seminyaka eyavundulula inkohlakalo yamaphoyisa kahulumeni ayebulala abantu eVlakplass.
“Izindaba zokuthi kuzophenywa iphoyisa nemantshi ngokukhishwa kwamawaranti okubopha uPauw nombhali wencwadi esihloko sithi The Republic of Gupta uMnuz Pieter-Louis Myburgh kuyakhombisa ukuthi izintatheli eziphenya amahlazo ziyadingeka eNingizimu Afrika,” kusho iMMA.
IMMA ithe uma imali isimsizile uPauw esele izosetshenziselwa ukuvikela abalwela ukusebenza kwezintatheli nokuthuthukisa imithetho ezosiza abezindaba ukuthi basebenze ngokukhululeka.