MTHOKOZISI NDABA MTHOKOZISI NDABA
LIGCINE lihoxisiwe icala lokushaya umculi ozakhele udumo kuma Idols nonyaka, uMthokozisi Ndaba, abesolwa ngalo.
Lokhu kudalulwe ngesikhathi uMthokozisi evela okokuqala enkantolo yeMantshi eHillbrow ngoMsombuluko.
UMthokozisi ufike kule nkantolo ephelezelwa abangani bakhe abebemeseka.
Lo mculi ohlulwe nguPaxton Fieles kuma-Idols ubesolwa ngokumuhluza kanzima owesifazane ozibiza ngoNeo Tsele ogcine eqhephuke izinyo eBraamfontein.
Ngemuva kokunyamalala kulandela lezi zinsolo, uMthokozisi ngeledlule waphumela obala waveza ukuthi usebuyele eGoli waxhumana namaphoyisa ngalolu daba. Washicilela isitatimende ecela ukuthi abantu bavumele ingalo yamthetho idlale indawo yayo.
NgoLwesibili esitatimendeni uthe usebuyilile eGoli waxhumana namaphoyisa.
"Noma lokhu kuthikameza ikhono uNkulunkulu angiphe lona, umndeni wami, abangani nabalandeli bami kanye nami uqobo, ngicela sivumele umthetho udlale indima yawo ngendlela," washo kanje esitatimendeni.