UNGQONGQOSHE wamaphoyisa kuleli uMnuz Fikile Mbalula othathwe ngenkathi ekifa ezovula isiteshi samaphoyisa eGlebelands izolo Isithombe: Motshwari Mofokeng UNGQONGQOSHE wamaphoyisa kuleli uMnuz Fikile Mbalula othathwe ngenkathi ekifa ezovula isiteshi samaphoyisa eGlebelands izolo Isithombe: Motshwari Mofokeng
AZONGENA indlu nendlu amaphoyisa ehostela lezimanga, iGlebelands eMlaza ekhuculula izibhamu ezingekho emthethweni.
Lokhu kuvezwe wuNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli uMnuz Fikile Mbalula izolo ngenkathi eyovula ngokusemthwethweni isiteshi samaphoyisa esiphakathi kuleli hostela.
“Kumele umphakathi usebenzisane namaphoyisa ukuze kukhishwe izigebengu kule ndawo,” kusho uMbalula.
Uxwayise amaphoyisa ukuthi angawubuzi umphakathi imibuzo engenasidingo, ikakhulukazi abantu abadlwenguliwe ngoba lokho kubehlisa isithunzi kubaqede nethemba.
“Akumele amaphoyisa alibale wukwenza izinzipho, akhulume namaselula isikhathi esingapheli abantu bebe bedinga usizo,” kuxwayisa uMbalula.
Uthe awafuneki futhi amaphoyisa alala emsebenzini, nazenza osopolitiki.
Nabantu besilisa uthe badinga ukuphathwa kahle, bangahlekwa uma bezovula amacala ngoba nabo kuyenzeka bahlukunyezwe ngokushaywa abesifazane abathandana nabo.
“Thina sizowenza umsebenzi wethu, sekuzoba sezinkantolo ukuthi zona zenzenjani ngezigebengu esizibophayo,” kushouMbalula.
UMbalula ushayele ihlombe amaphoyisa aKwaZulu-Natal ngokubopha izinkabi esiyisithupha, athe beziyingozi eyisimanga, futhi sezibaqedile abantu zibabulala embonini yamatekisi, eGoli naKwaZulu-Natal. Uthe amaphoyisa awazukuphumula kulesi sikhathi samaholide kaDisemba, azosebenza amahora engeziwe ukuze kuphephe umphakathi.
NgokukaMbalula, asikho isigebengu okumele sizitshele ukuthi siyisibonelo esihle emphakathini.
“Abantu abayisibonelo esihle emphakathini lapha eMlaza, uMampintsha noProfessor ngoba bona bajabulisa abantu ngomculo," kusho uMbalula.