Izindaba

Kumashe abashadikazi belwa nomakhwapheni

BONGIWE ZUMA|Published

UMSUNGULI weSakha Isizwe uNkk Nomsa Madlala UMSUNGULI weSakha Isizwe uNkk Nomsa Madlala

BAGCWALE umgwaqo izolo ePinetown abashadikazi abaqale umkhankaso wokulwa nomakhwapheni, abathi babahlalise lubhojozi emishadweni yabo.

Lo mkhankaso oholwa phambili yinhlangano ebhekelele abesifazane, iSakha Isizwe, ubuhlanganisa abesifazane abaqhamuka ezindaweni ezahlukene izolo.

Isiqubulo sale mashi besithi: #Penina must fall.

Laba besifazane bathi lo mkhankaso bawuqale ngalesi sikhathi ngamabomu kwazise lesi yisikhathi samaholide lapho bebhoka kakhulu omakhwapheni.

Imashi isuke ekhoneni likaKing's Road noCrompton belibangise epaki i-Anderson lapho bebegonyuluka konke ngezinkinga ezikhungethe imishado yabo.

Bathi into eyenza lesi sikhathi samaholide sibe yinkinga kakhulu emishadweni eminingi, yingoba omakhwapheni abaningi banyamalala namadoda emva kokuthi ethole amabhonasi.

Umsunguli wale nhlangano uNkk Nomsa Madlala ophinde abe nguMama Mfundisi webandla iHouse of Love & Care, uveze ukuthi imishado eminingi ichithwa omakhwabeni.

Yingakho sebethathe isinqumo sokubakhankasela.

“Nasemandulo kuyavela eBhayibhelini ukuthi uHannah wayemiswe kabi uPenina. Wakhuleka kwaze kwalunga. Nathi sizimisele ngokwenza njengaye ngoba lesi yisikhathi ababhidlange ngaso kakhulu bebheke namabhonasi,” kusho uNkk Madlala.

Eqhuba uthe umkhankaso wabo awuchemile futhi abaqondile ukuhlambalaza abesifazane kodwa bafuna ukubakhulisa ngezimo zempilo baveze nobubi bokuba omakhapheni.

Lo mkhankaso ulandelwe umkhuleko oqale ngehora lesithupha kusihlwa kwaze kwasa namhlanje.

Inhloso yawo bewukukhulekela ukuthi wonke amadoda anomakhwapheni aphenduke abashiye kanjalo nomakhwapheni bayeke ukuqoma amadoda ashadile.

“Inhloso yale nkonzo ukuqinisekisa ukuthi sibambisene njengabantu besifazane. Sicebisana nangezindlela zokuziphatha uma ushadile noma ngabe indoda yakho inomakhwapheni.

“Sifundisa nabesifazane abangakashadi ngezimpawu zokubamba indoda eshadile ngoba siyazi iningi lawo liyafihla,” kuchaza uNkk Madlala.

Lo mkhankaso kulindeleke ukuthi uqhubeke ungapheleli kulo wayizolo kuphela.