Izindaba

Usomabhizinisi ukhala ngokukweletwa yiSilo

Sbu Masango|Published

ISilo samaBandla, uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu ISilo samaBandla, uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu

LUZONGENWA yinkantolo udaba lukasomabhizinisi waKwaDukuza okhala ezimathonsi ngesamba semali athi usikweletwa yiSilo samaBandla, uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu.

UMnuz Kuber Eadhev Singh (76) owakha ifenisha, uthe iSilo simkweleta u-R112 000 wezihlalo namatafula kwekhethelo kokhuni lomthombothi esakuthatha ngo-2014 sambambisa udonga kuze kube manje.

USingh uthe ubone kufanele aluyise enkantolo lolu daba emuva kokuzama izikhathi eziningi ukufuna le mali engayitholi. Uthe wahambisa izihlalo ezingu-9 namatafula angu-10 njengoba kwakusho iSilo.

Uthe lezi zimpahla zathengwa ababemele iNdlunkulu ngo-2014, babelokhu befika njalo bezobheka ukuthi impahla yakhiwa kahle yini. Uthe uyena yedwa emhlabeni owakha ifenisha yomthombothi ngoba utholakala ngasemfuleni uThukela kuphela.

Uthe ngenyanga edlule ucele inkantolo yaKwaDukuza ukuba ikhiphe isinqumo sokuthi akhokhelwe imali engu-R111 600 no-R367 oyizindleko zenkantolo.

Uthe wahluleka ngisho ethumela amasamanisi ehhovisi elibhekele izindaba zeNdlunkulu baqinisekisa ukuthi bawatholile kodwa akazange ayithole imali yakhe. USingh uthe naye uzalwa ebukhosini e-Agra, e-India futhi unobudlelwano obude neNdlunkulu kodwa uphoxekile ngendlela esiziphathe ngayo iSilo.

“Abantu basebukhosini banomgomo wokuziphatha ngokuthembeka. Akuyona indlela emukelekile yokuziphatha lena. Kwangithatha izinyanga eziyisithupha ukwakha lezi zihlalo nonkosikazi wami ubengisiza.

“Ngangizikhanda ngothando nesineke kodwa sengibongwa ngale ndlela.’’ Uthe wamangala ebona isihlalo sisetshenziswa yiSilo ezindaweni ezehlukene njengoba sihlezi sihamba naso.

"Ngisanda kumbona eqhiyeme kulesi sihlalo emcimbini ovezwe kuthelevishini. Ngaphinda ngambona engqungqutheleni iGopio International Conference eThekwini. Uyasisebenzisa kakhulu kodwa akasikhokhelile," kubalisa uSingh.

"Ngifuna kukhokhwe imali yami abayikweletayo, sengizame kaningi ukuthinta iNdlunkulu bengiziba, ingiphatha kabuhlungu le nto abayenza kimi."

Okhulumela iNdlunkulu uMntwana uThulani Zulu, uthe abalwazi lolu daba. Uthe akuthintwe uMnuz Sithole owafaka isicelo sezimpahla. Imizamo yokuthola uSithole ayiphumelelanga.