Izindaba

‘Ngeke ngithule noma i-ANC ingangixosha’

Bheki Mbanjwa|Published

UDKT Makhosi Khoza uthi ngeke athule uzoqhubeka nokukhuluma iqiniso ngoba uyakholelwa kulo, lapha wathathwa esePhalamende eqhuba umsebenzi wakhe UDKT Makhosi Khoza uthi ngeke athule uzoqhubeka nokukhuluma iqiniso ngoba uyakholelwa kulo, lapha wathathwa esePhalamende eqhuba umsebenzi wakhe

ILUNGU le-ANC ePhalamende elizakhele udumo ngokukhuluma lokho elikucabangayo, uDkt Makhosi Khoza, lithi ngeke lithule noma i-ANC ingalixosha lizoqhubeka nokumela iqiniso.

“Uma befuna ukungixosha makube njalo, uma befuna ukungibulala makube njalo. Ngingumlandeli kaSocrates omunye wababhali nenzululwazi yaseGreek okwathi uma enikwa ithuba lokuthi axolise ngakushilo wakhetha ukungaxolisi ngoba wayelandela umthetho. Ngiyawuthatha umthetho futhi ngiyakholelwa kuwo,” kusho uDkt Khoza.

Kuleli sonto uDkt Khoza uphinde wacasula amalungu enhlangano yakhe i-ANC ngesikhathi ekhuluma nezintatheli engagunyaziwe kwazise bekuthiwe kungabikhona noyedwa kumalungu e-ANC okhuluma nezintatheli ngaphandle kokuthola imvume yethimba lezokuxhumana.

UMkhulumeli we-ANC, uMnuz Zizi Kodwa, uthe uDkt Khoza uphambane nehlombe ngokukhuluma nezintatheli ngaphandle kwemvume futhi aphinde agxeke abaholi benhlangano.

Uthe ikomidi elibhekelele ukuqondiswa ubugwegwe kwi-ANC yilona elizobheka udaba luka-Dkt Khoza lokuphambana nehlombe.

Noma egxekiwe ngesenzo sakhe uDkt Khoza uthe uzoqhubeka akhulume kanti uma ebekwa icala akanankinga kodwa ombeka icala aqaphele ngoba naye uzolibeka amacala lelo lungu.

“Angikaze ngisolwe ngokweba imali, angikaze ngisolwe ngokusiza izingane zami, angikaze ngisolwe ngamacala okuya ocansini. Bazobekwa nini amacala abantu abasoleka ngezinto zomndeni wakwa-Gupta amagama abo avela kuma-emails,” kubuza uDkt Khoza.

UDkt Khoza ubonakala engomunye wamalungu e-ANC angahambisani nobuholi bukaMengameli Jacob Zuma futhi wakubeka kwacaca ukuthi ngeke avotele umholi ongenaso isimilo.

Uxwayise ilungu le-ANC uNgqongqoshe wamaphoyisa, uMnuz Fikile Mbalula, ukuthi angababizi ngabashokobezi uma bevotela ukuthi kube nomholi ohlonipha umthetho, onesimilo futhi othanda abantu baseNingizimu Afrika.

“Mina ngaboshwa ngineminyaka ewu-14, ngafelwa ngumyeni wami ngineminyaka ewu-28.

“Sengilahlekelwe yizinto eziyigugu kimi ngenxa ye-ANC. Inhliziyo yami ikhala igazi uma ngibona isimo

sinjena,” kusho uDkt Khoza obesatshiswa ngabaholi be-ANC Youth League KwaZulu-Natal.