UNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal uDkt Sibongiseni Dhlomo UNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal uDkt Sibongiseni Dhlomo
UZULELWA ngamanqe uNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal uDkt Sibongiseni Dhlomo njengoba zanda iziphakamiso zokuthi asuswe esikhundleni sakhe.
I-ANC esifundazweni izocubungula umbiko weSouth African Human Rights Commission (SAHRC) oveza ukuthi uDhlomo wabukela phansi ilungelo lokuthola usizo lweziguli ezinesifo somdlavuza.
“Asikakawuboni umbiko we-SAHRC, ngakho sizodinga ukuwucubungula ngaphambi kokuthi sithathe isinqumo ngawo,” kusho uNobhala we-ANC esifundazweni uMnuz Supa Zuma.
Uphenyo ngoDhlomo noMnyango wezeMpilo luqale ngemuva kokuthi i-DA ifake isimangalo ngokunakekeleka kweziguli ezinesifo somdlavuza esifundazweni.
Ikhomishini iphethe ngokuthi uDhlomo nezibhedlela i-Addington neNkosi Albert Luthuli Central Hospital babukele phansi amalungelo eziguli ezinomdlavuza ngokuhluleka ukulandela imigomo yokusebenza ebekiwe.
Umbiko uveza ukuthi kumele kulungiswe ngokushesha imishini ye-oncology nokuthi umnyango uqhamuke nesu lokusiza iziguli ezinomdlavuza okumele balithumele kwiKhomishini zingakapheli izinsuku ezilishumi.
Inyunyana iHealth and Other Service Personnel Trade Union of South Africa (Hospersa) iwamukelile umbiko yize ithe ukha phezulu.
“Umbiko ufakazela isiphakamiso sethu sokuthi uDhlomo kumele asuke esikhundleni ngokushesha," kusho okhulumela iHorspersa uMnuz Noel Desfontaines.
INational Education Health and Allied Workers Union (Nehawu) iveze ukuthi bazizwakalisile izikhalo zabo nenhloko yoMnyango wezeMpilo uDkt Sifiso Mtshali emhlanganweni abasanda kuba nawo.
“Ngenyanga ezayo sizomashela ehhovisi likaNdunankulu ukuyozwakalisa izikhalo zethu,” kusho uNobhala weNehawu esifundazweni uMnuz Phakama Ndunakazi.
UMtshali uthe bayawamukela umbiko ngakho sebeqalile ukuhlanganisa iziphakamiso abazozithumelela iKhomishini njengempendulo yabo.