ZIWAKHALELE amadoda amabili nowesifazane abasolwa ngamacala ahlukene eZakheni, eMnambithi.
Laba basolwa baboshwe ngesikhathi kunomkhankaso wamaphoyisa wokulwa nobugebengu.
Amaphoyisa ophiko lwe-K9 aseMnambithi esebenzisana nophiko oluphenya amacala ahleliwe asoThukela nawaseZakheni bathole isibhamu bashaqa nenqwaba yensangu ngesikhathi bebopha abasolwa.
NgoMsombuluko babophe umsolwa oneminyaka engu-28 esigcemeni * -B eZakheni. Umsolwa utholwe nesibhamu i-9mm. Lo msolwa ubevele efunwa ngecala lokubamba inkunzi ekuqaleni kwenyanga. Kuthiwa wathatha iselula kamgilwa wabaleka nayo. Uzobhekana namacala amabili, elokutholwa nesibhamu esingekho emthethweni nelokubamba inkunzi.
Amaphoyisa eqhubeka nomkhankaso ngoMsombuluko, abophe owesifazane oneminyaka engu-42 ngecala lokudayisa insangu.
Athole izikhwama eziyisishiyagalombili zensangu emzini womsolwa. Kusolwa ukuthi ubeyidayisela abantu kule ndawo.
Le nsangu kutholwe ukuthi ingadayiswa ngo-R150 000.
Khona eZakheni kuboshwe omunye umsolwa oneminyaka engu-22 ngecala lokugqekeza. Kuthiwa wangena emzini womuntu ngesikhathi belele ehamba nomunye bathatha ithelevishini namaselula, babaleka. Omunye umsolwa usathungathwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe bonke abasolwa bezovela enkantolo yaseZakheni kuleli sonto.