Izindaba

Kusolwa isikhwele ngengane ebulala intombi

NONTUTHUKO.NGUBANE|Published

LISOLWA ngokuba nesikhwele ngengane yentombi, isoka elidubule labulala owesifazane ebelithandana naye phambi kwengane yakhe, efulethini eMbilo eThekwini.

Isidumbu sikaNkk Gugu Nkosi (49) kuthiwa sitholwe ngomakhelwane silele phezu kwegazi ngemuva kokuthi bebizwe yingane yakhe eneminyaka engu-10, esanda kudutshulwa, ngoMsombuluko ebusuku. Kuboshwe isoka lakhe elineminyaka engu-47 ngalesi sehlo.

Isolezwe lithole ukuthi isoka ebelisebenza lingunogada ngaphambi kokuphelelwa umsebenzi, belijwayele ukuhlala nomufi nezingane ezimbili efulethini, okuyingane kamufi nekadadewabo kamufi.

Ngelanga lesigigaba kuthiwa isoka lafica uNkk Nkosi nendodakazi yakhe baba nengxabano okungaziwa ukuthi yabangwa yini, lamdubula ekhanda.

Ngokusho komthombo osondelene nodaba, umsolwa ubehlale ekhala ngokuthi intombi ithanda kakhulu ingane kunaye.

“Bese beneminyaka emibili nezinyanga bethandana njengoba umyeni kamufi washona engozini yemoto ingane yakhe inezinyanga izelwe.

Umsolwa ubehlala ekhala ngokuthi ingane eneminyaka engu-10 uyithanda kakhulu kunaye, esisola ukuthi yikhona okususe umsindo oholele kulesi sigameko,” kusho umthombo.

Isolezwe lithole ngomakhelwane ukuthi bezwe kuqhuma isibhamu bazitshela ukuthi kukhona ababamba inkunzi izitolo ezingaphansi kwefulethi.

“Sishaqekile ukuthi kudutshulwa owesifazane. Sizwe sesibizwa ingane icela ukuba sisize unina obelele edamini legazi,”kusho omunye umakhelwane ocele ukungadalulwa.

Isolezwe livakashele kwaNkosi izolo, lafica amalungu omndeni anqabile ukuphawula. Acele kuthintwe udadewabo kamufi. Efonelwa udadewabo ucele ukungaphawuli ngodaba.

Umufi ubefundisa kwesinye isikole esiseNewlands.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbhele ukuqinisekisile ukuboshwa kwesoka ngecala lokubulawa kukathisha.

Umsolwa bekulindeleke avele eNkantolo yeMantshi eThekwini, izolo.

Akutholakalanga ukuthi icala lihlehlele inini ngoba idokodo lisagcinwe enkantolo.

Isolezwe lithintwe omunye umthombo oveze ukuthi umsolwa wafika kubo eNtuzuma ngoMgqibelo ngaphambi kwesehlo wacela isibhamu sakhe kunina. Umsolwa kuthiwa watshela unina ukuthi uthole umsebenzi omusha ozodinga isibhamu.

Unina wasikhipha engazi ngokuzokwenzeka.