SAMUKELWE ngenhlokomo izinhlaka ezahlukene isigwebo sikadilikajele esikhishwe yiNkantolo eNkulu, yaseMtuba ngoLwesithathu igweba uMbhishobhi Bhekukufa Gumede (67) olahlwe yicala lokubulala, acwiye uNksz Thandazile Msweli obenebala elimhlophe waseScabazini, KwaMhlabuyalingana.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, KwaZulu-Natal uNkk Weziwe Thusi uthe ujabule ngalesi sigwebo futhi unethemba lokuthi sizothumela umlayezo oshubile kwabasacabanga ukubulala abanebala elimhlophe ngenkolelo yokuthi izicubu zabo zomzimba zakha imithi yokuceba. “Siyethemba ukuthi lesi sigwebo sizoletha nenduduzo kubantu abanebala elimhlophe yokuthi ukubulawa kwabo kuwubugebengu okungathinti bona kuphela kodwa okusithinta sonke.”
Ubonge umsebenzi owenziwe ngamaphoyisa nenkantolo wokufinyelela esiphethweni salolu daba kwaze kwaba nomphumela wokugwetshwa kombulali.
“Ngicela ukuqinisekisa abantu abanebala elimhlophe ukuthi bangabantu abafana njengathi, izicubu zemizimba yabo azinamilingo yokwakha amandla, azikwazi ukwenza umuntu acebe. Abantu bakithi mabangadukiswa ngabantu abanalezi zinkolelo ngoba befuna ukwenza inzuzo engcolile,” kuphetha yena esitatimendeni.
USihlalo kazwelonke wophiko lwabesifazane ku-IFP, uNkk Thembeni Madlopha-Mthethwa uthe basemukele lesi sigwebo ngoba sizoletha isifundo kulabo abathumba baphinde babulale abantu abanebala elimhlophe.
“Siyi-IFPWB siphakamisa ukuthi uhulumeni akaqhamuke nezinhlelo nemikhankaso yokuqwashisa umphakathi ngokubulawa kwabantu abanebala elimhlophe. Kunesidingo esikhulu sokuthi abantu baseNingizimu Afrika batshelwe ukuthi izicubu zomzimba zowebala elimhlophe aziwenzi umuthi wokuceba kodwa ukusebenza kanzima nokuzimisela emsebenzini okwenza umuntu ukuthi acebe,” kusho uNkk Madlopha-Mthethwa.