USENGCUPHENI yokuhlaselwa yizifo umphakathi owakhe eduze kwesibhedlela saseNgwavuma njengoba uphuza amanzi akhiwa emthonjeni odalwe ngamanzi aputshuka epayipini elithutha indle esuka esibhedlela iMosvold.
Abantu bathi ayikho into abangayenza ngoba kabanawo amanzi, kunesomiso.
Lokhu kuvele ngesikhathi iMeya kaMasipala wesifunda Umkhanyakude, uMnuz Solo Mkhombo, inomhlangano namalungu omphakathi ku-ward 14 ngeSonto ehholo laseNgwavuma, ezowachazela ngezinhlelo abanazo zokuhlinzeka ngamanzi nokulungisa ipayipayi elithutha indle yesibhedlela.
Ilungu lomphakathi, uMnuz Sifiso Mngomezulu, lithe amanzi abonwa ngomunye udokotela owafika wabeka iphepha elinomyalezo wokuthi umphakathi awungawaphuzi ngoba usola ukuthi anamagciwane.
“Siyawaphuza ngoba awekho amanzi endaweni futhi abengakaze agulise muntu yikho siqhubeka nawo,” kusho uMngomezulu.
UMkhombo ubezokwethula inkampani yongoti kwezamanzi, Umhlathuze Water, enikezwe umsebenzi wokulungisa ipayipi lendle yesibhedlela okuthiwa livuziswa wukuthi selilidala kakhulu.
UMkhombo uphuthume kule ndawo enomthombo wamanzi eseweni njengoba isibhedlela sisentabeni.
Ipayipi kuthiwa liyavuza bese amanzi ehlela ezansi ehlathini kwakheke umthombo wamanzi lapho umphakathi osufake khona ipayipi ukuze uthole amanzi.
“Ngicela ningabe nisawaphuza la manzi ngoba ayingozi. Sizokwenza konke okusemandleni ukuthi nithole amanye amanzi angenangozi. Ngeke ngivume ukuthi nibeke impilo yenu engcupheni,” kusho uMkhombo.
Uqhube wathi bebevele bezokwethula inkampani yamanzi uMhlathuze Water ezokwenza umsebenzi wokulungisa ipayipi lokuthutha indle ozodla * -R7million.
Eqhuba uMkhombo uthe umsebenzi uzoqalwa ngoMashi 31.
“Inkinga yokusweleka kwamanzi nogesi kule ndawo yimbi. Into eseyinkinga emkhandlwini wethu wukuthi imali ayikabi bikho manje siziqala kancane izinhlelo isimo size sibuyele kwesijwayelekile. Sizofaka amapayipi amakhulu eNtabayengwe azophaka amanzi awayise emathangini bese kuba lula ukuthi umphakathi waseNgwavuma uthole amanzi. Iyasikhathaza indaba yokuthi umphakathi ubhobosa amapayipi bese uzixhumela amanzi ngokungemthetho ngoba agcina engafiki kwezinye izindawo,” kusho uMkhombo.
Umphakathi ukhale nangogesi wathi awunamandla uke uhambe isonto lonke. IMeya ithe into ezoqeda le nkinga wukuthi kwakhiwe ngokushesha isiteshi esiphehla amandla kagesi esiKwaNondabuya eJozini oyobe ususatshalaliswa ezindaweni ezahlukene kubalwa neNgwavuma.