UMGADLI omusha weKaizer Chiefs, uGustavo Paez, emukelwa ngokusemthethweni umqeqeshi weqembu uSteve Komphela esithangamini nabezindaba eNaturena izolo ntambama UMGADLI omusha weKaizer Chiefs, uGustavo Paez, emukelwa ngokusemthethweni umqeqeshi weqembu uSteve Komphela esithangamini nabezindaba eNaturena izolo ntambama
UFUNA ukuba ngumdlali obalulekile kuKaizer Chiefs umgadli omusha waleli qembu uGustavo Paez.
Lo mdlali, ongowokubabuka eSouth America, eVenezuela, ujoyine leli qembu ngemuva kokuthi echaze iso lomqeqeshi uSteve Komphela.
“Yebo uqinisile umqeqeshi uma ethi angisiyona impendulo enkingeni yamagoli ebhekene naleli qembu kodwa ngiyingxenye yesisombulolo salokho. Ngijabulile ukuthi ngijoyine iqembu elikhulu njengeChiefs. Ngizokwenza konke okusemandleni ukuthi ngisize iqembu lithole imiphumela. Ngibheke ukuthi ngibe ngumdlali obalulekile eqenjini kule sizini,” kusho uPaez.
Umqeqeshi weqembu laseNaturena uKomphela uthe uyamethemba lo mdlali ukuthi uzowashaya amagoli amaningi eqenjini, wathi ucela abalandeli ukuthi bambekezelele.
“Yena uzowashaya amagoli amaningi kuleli qembu, ngiyamethemba. Kodwa ngicela abalandeli bethu bambekezelele, ngiyazi ukuthi kuleli iqembu kufanele usheshe ubanikeze abakudingayo uma ufuna bakuthande. Ngiyethemba uzoshaya amagoli ngokushesha,” kusho uKomphela.
Lo mqeqeshi uthe lo mdlali umhehe ngendlela adlale ngayo kweyesihle ngesikhathi besamhlola.
“Uyashesha, uqinile, uhlakaniphile futhi uyakwazi ukushayela ipali. Ukhahlela ngazo zombili izinyawo futhi uyakwazi ukushaya igoli ngekhanda. Unokuzethemba engikufuna kumgadli, ngikuthandile engikubonile kuyena kweminye yemidlalo yesihle esiyidlale eDobsonville Stadium. Ushaye iphenathi eshaye phezulu epalini yangena phakathi. Uzobe ekhona emdlalweni wethu uma sesidlala neFree State Stars. Maningi amathuba okuthi adlale,” kusho uKomphela.
Lo mqeqeshi uthe wenele ngabadlali anabo kuleli qembu okwamanje. “Ngeke sithenge umhlaba wonke. Besinenkinga yamagoli angangeni ngoba abadlali bethu abanamagoli amaningi akubona abagadli njengoba kungumdlali wasesiswini uGeorge Lebese noLorenzo Gordinho, nengicabanga ukuthi akukuhle uma kuzoba njalo,” kusho uKomphela.
Uthe uzophimisa amagama akhe ngokuqikelela ngalo mdlali wakhe omusha. “Angifuni kube sengathi ngimdumisa kakhulu kodwa abadlali baseSouth America abafana noLeornardo Castro weMamelodi Sundowns nabanye esibabonile ngaphambilini badlala kahle,” kuphetha uKomphela.
Imidlalo ye-Absa Premiership:
NgoFebhuwari 7 ngo-7.30 ebusuku: Kaizer Chiefs v Free State Stars (FNB Stadium) Bidvest Wits v Ajax Cape Town (Bidvest Stadium); Cape Town City v Highlands Park (Athlone Stadium); Chippa United v Baroka FC (Nelson Mandela Bay Stadium)
NgoFebhuwari 8 ngo-7.30 ebusuku: SuperSport United v Golden Arrows (Lucas Moripe Stadium); Platinum Stars v Orlando Pirates (Royal Bafokeng Stadium); Bloem Celtic v Mamelodi Sundowns (Dr. Molemela Stadium); Polokwane City v Maritzburg Utd (Old Peter Mokaba Stadium)