Izindaba

I-ANC ingase ingene enkingeni

Siyabonga Mkhwanazi|Published

I-DA ifake isicelo sokuthi kuphenywe kabanzi ngombiko wokusabalaliswa kwezindaba ezingelona iqiniso nezikhangiso ezingenziwanga amaqembu aphikisayo ezasabalala ezinkundleni zokuxhuma. I-DA ifake isicelo sokuthi kuphenywe kabanzi ngombiko wokusabalaliswa kwezindaba ezingelona iqiniso nezikhangiso ezingenziwanga amaqembu aphikisayo ezasabalala ezinkundleni zokuxhuma.

I-ANC ingase iphenywe kabanzi mayelana nohlelo lwayo lokusabalalisa izindaba ezingekho ngamaqembu aphikisayo ikakhulukazi ngesikhathi kukhankaselwa ukhetho lohulumeni bezindawo nyakenye.

I-DA icele i-Independent Communications Authority of South Africa (Icasa) nenhlangano esingatha ukhetho kuleli, i-Independent Electoral Commission (IEC), ukuba benze uphenyo.

Zombili lezi zinhlaka izolo zithe zizolubheka lolu daba. I-IEC ikugcizelele ukuthi lolu daba izolubheka emhlanganweni wayo ozayo.

“Singakuqinisekisa ukuthi sibe nomhlangano namalungu e-DA emahhovisi ethu eCenturion,” kusho i-IEC.

“Ithimba le-DA beliholwa umholi wayo uMnuz Mmusi Maimane, i-IEC yona ibiholwa uSihlalo wayo uMnuz Glen Mashinini,” kusho le khomishini.

Ithe umhlangano wabo ubusukela kwisigameko esenzeke ngo-Agasti nyakenye.

“I-IEC ingakuqinisekisa ukuthi uMaimane uphinde wathatha ithuba lokuthi azwakalise isikhalo sakhe ngemibiko engesilo iqiniso esatshalaliswa i-ANC,” kusho i-IEC.

UMaimane uthe i-IEC ithembise ukuthi izophenya ngesenzo se-ANC sokusabalalisa izindaba ezingekho.

Ilungu lePhalamende le-DA uNksz Phumzile van Damme licele i-Icasa ukuthi nayo yenze uphenyo ngalezi zinsolo.

Kodwa i-Icasa inqabile ukuphawula yathi ayiphenyi ngezinto eziphuma emaphephandabeni.

I-Icasa inxuse uNksz Van Damme ukuba afake isimangalo ukuze isibheke.

Isikhulu se-Icasa uNksz Nomvuyiso Batyi sitshele amalungu ePhalamende ukuthi bona balawula ukusebenza kwemisakazo kuphela.

I-ANC isolwa ngokuqala lo mkhankaso wayo ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya.

Umbutho kuthiwa ngalolu hlelo wawuhlose nokuqoqa imali engu-R50 million, uphinde uvundulule namahlazo ngamaqembu aphikisayo.

Usomabhizinisi uNksz Sihle Bolani ubopha i-ANC ufuna * -R2.2 million athi ayimkhokhelile wona ngomsebenzi eseyenzele wona othinta lo mkhankaso.

Okhulumela i-ANC uMnuz Zizi Kodwa akatholakalanga ukuthi aphawule izolo.