USIHLE Bolani osefake i-ANC enkantolo ngodaba lokungakhokhelwa izizumbulu zemali ngomkhankaso athi wawenzela i-ANC ezinkundleni zokuxhumana obizwa nge 'war room' USIHLE Bolani osefake i-ANC enkantolo ngodaba lokungakhokhelwa izizumbulu zemali ngomkhankaso athi wawenzela i-ANC ezinkundleni zokuxhumana obizwa nge 'war room'
UBUKEKA usekude ukuphela umsindo othinta iqembu elibusayo i-ANC mayelana nomkhankaso walo wokubeka kabi amanye amaqembu epolitiki. Manje sekuvela ukuthi ezinye izikhulu ze-ANC ziyawazi lo mkhankaso kodwa ngakolunye uhlangatho i-ANC iyaphika.
Ngokwemibiko yayizolo kuthiwa uNksz Sihle Bolani wayiqopha inkulumo yakhe ngesikhathi enomhlangano noMnuz Ignatius Jacobs oyimenenja kwi-ANC. Kulowo mhlangano uNksz Bolani wadlulisela umbiko wakhe wokuqala kuJacobs emkhombisa ukuthi kuyishubele i-ANC okhethweni. Kubikwa ukuthi uKhongolose wayeshodelwa wu-R50 million ekutheni aqhubeke nomkhankaso wokubeka kabi amaqembu aphikisayo.
UNkk Khusela Sangoni-Khawe okhulumela i-ANC izolo uziphikile izinsolo ezibhekiswe ezikhulwini zenhlangano. Uthe abukho ubufakazi obuhambisana nezinsolo ezenziwayo. “Akukho okuwubufakazi bokuthi kukhona izikhulu ezithintekayo. Uma kuwukuthi azikho esivumelwaneni kuchaza ukuthi leso sivumelwano asiyithinti i-ANC,’’ kusho uNkk Sangoni- Khawe.
I-ANC imile ekutheni ayihlangani nokuyofuna usizo kuNksz Bolani. UNksz Bolani. ufuna izindodla zemali kuKhongolose ngomsebenzi awenzile. UMnuz Shaka Sisulu uyakuchitha okushiwo wuNksz Bolani. I-ANC ime ngelokuthi uSisulu, uNksz Bolani nabanye babengamavolontiya, akukho okunye okungale.
I-DA ithe izoyimangalela i-ANC eNkantolo yezoKhetho ngokuyicekela phansi ngesikhathi kusakhankaselwa ukhetho lwango-Agasti 3, 2016 ngoba lokhu akuhambisani neze nemigomo yakwa-IEC.
I-DA ithe abameli bayo basadla amathambo engqondo mayelana nokubopha i-ANC. Nokho ayishongo ukuthi ifuna ukuyihlawulisa
malini.
I- EFF, nayo ebihlosiwe kulo mkhankaso, isahlanganisa amakhanda ngesinqumo okumele isithathe ngalolu daba.
Ngeledlule uNksz Bolani uthe kukhona abamsongelayo ngemuva kokuvela kwendaba emphakathini. Emaphepheni awathumele enkantolo, uthe umkhankaso ubuthi akabheke okwenziwa ngamaqembu aphikisayo bese esebenzisa lokho ekuwacekeleni phansi, ikakhulukazi i-DA ne-EFF. Incwadi evela kuJacobs ikhombisa ukuthi wavumelana noNksz Bolani ngoDisemba ngokukhokha. Imali yayingaphansi kabi kwesigamu sika-R2.2m okwavunyelwana ngawo noNksz Bolani. Kodwa-ke wagcina esekhokhelwa * -R100 000.