Picture: @ShakaSisulu/Twitter Picture: @ShakaSisulu/Twitter
ILUNGA lenhlangano ebusayo i-African National Congress, uMnuz Shaka Sisulu usephumele obala ngemali engu-R50 million okusolaka ukuthi kwakungeyokuxhasa uhlelo oluyimfihlo okwakuhloswe ngalo ukuketula amaqembu aphikisayo ngesikhathi sokhetho lohulumeni bezindawo ngonyaka odlule.
USihle Bolani, emaphepheni awafake eNkantolo eNkulu ngoLwesibili uthe wayeyingxenye yethimba loSisulu nabanye elalijutshelwe lo msebenzi liwuqhuba emihlanganweni yezinhlaka eziphethe imiphakathi eyaziwa nge-War Room.
Screengrab: @ShakaSisulu/TwitterKodwa i-ANC iyakuphika lokho, ithi lolu hlelo wawuba yingxenye yalo ngokuthanda futhi ayikho inkontilela uBolani ayenayo yokuthi uzokhokhelwa lezi zigidi zamarandi. USisulu ukuchithile okushiwo nguBolani wathi kungamanga aluhlaza.
"Le mibiko ayisilona iqiniso, iyihaba futhi angingabazi ukuthi kuhloswe ngayo ukudicilela phansi isithunzi sami negama le-ANC, " kusho yena.
Khonamanjalo, incwadi evela esikhulwini se-ANC u-Ignatius Jacobs ikhombise ukukweseka okushiwo nguBolani njengoba iveza ukuthi kwaba nesivumelwane sokuthi akhokhelwe u-R1 million ngoDisemba wangonyaka odlule. UBolani uthe esikhundleni sika R1 million uthole u R100 000 kuphela ngakho ufuna imali esele.
Kukhona lapho uBonani aveza khona ukuthi kukhona lapho eke wathola ukusabiseka ngemuva kokuthi umhlangano wezinhlaka eziphethe umphakathi uphenduke waba ngovulelekile. Kodwa i-ANC imile kwelokuthi wayenza umsebenzi wenhlangano engabheke nkokhelo, kodwa lokho yena uyakuphika.
USisulu uyavuma ukuthi uke wasebenza noBolani kodwa uyakuphika ukuthi kwakuphushwa umkhankasop oyimfihlo obhekiswe emaqenjini aphikisayo njengokusho kwamaphepha afakwe uBolani enkantolo.
NgokukaBolani lo mkhanakaso wawuqondiswe kwi-DA ne-EFF kulolu khetho lwanyakenye lapho lenhlangano ebusayo yalahlekelwa ngomasipala ababili abakhulu.
UMholi we-DA uMmusi Maimane izolo uthe lolu daba bazoluthathela izinyathelo balubike enhlanganweni eyengamele ukhetho i-IEC, emhlanganweni azoba nawo nale nhlangano emasontweni ezayo.
Uthe abameli benhlangano yakhe bavele baqalile ukulibheka lolu daba ukuze i-ANC ithathelwe izinyathelo.
I-DA ithi izoyisa inhlangano ebusayo eNkantolo yezoKhetho (Electoral Court) ngokuphula umthetho owengamele ukuqhutshwa kwemikhankaso yokhetho.