BAYAVEVA abazali babafundi baseZenzele Primary, eFolweni kulandela isigameko lapho kuthiwa uthisha ungenele umfundi ngezinyo emthandazela “emkhipha” inkolo yobusathane.
Kulesi sikole kuvele ukuthi babhekene nengwadla njengoba abafundi bakhona sekuphele amasonto amabili beqhuma phezulu behayiza bethi babona izinto ezingabonwa.
Ngeledlule umfundi kaGrade 7 wentombazane obehayiza phambi kwabanye abafundi kuthiwa uthisha uvele wambamba wamngena ngezinyo emhlane emluma ethi uyamkhuleka.
Lo mfundi ubegqoke umfaniswano wesikole ngesikhathi elunywa kodwa izibhadu zokulunywa emhlane zisabonakala.
Uninakhulu womfundi esingeke simdalule naye igama ukuze sivikele umfundi uthe umzukulu ufike ekhaya enezibhadu zokulunywa.
“Uqale wasifihlela ukuthi ulunywe nguthisha kusuka isidumo sokuhayiza kwabafundi. Ngibone ngezibazi zokulunywa, esehlonywa ngemibuzo ube esesitshela ukuthi ubethandazelwa wuthisha waze wamluma.
Kube sekuyobuzwa esikoleni kuthishanhloko ukuthi ubesazi yini isigameko wathi uzosilungisa nothisha othintekayo,” kusho uninakhulu womfundi.
Umzali obeveva yintukuthelo uthe bacela ukuthi uthisha asuswe kulesi sikole ngoba abazi noma uzophinde angenele izingane ngezinyo yini ngelinye ilanga.
“Yihlazo nje ukuthi uthisha olume ingane usafundisa. Izingane zethu ziphephile kuleyo ndawo? Sizothini uma eziluma nje kanti unesifo esithize. Asazi nokuthi izingane zethu zihayiza nje kwenzenjani,” kusho umzali.
Omunye umzali uhambe emazwini abeshiwo ngumzali wathi abasamdingi kulesi sikole.
“Uzoluma izingane zethu siyamesaba manje, asithandi aqhubeke nokufundisa izingane,” kusho omunye umzali.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Scelo Khuzwayo uthe bazophenya ngalesi sehlakalo bese bethatha izinyathelo ezifanele.
“Sizophenya ngodaba ukuze sithole ukuthi yikuphi okwenzekile. Uma sesazi siyobe sesithatha izinyathelo kwabathintekayo.
“Siyakhalisana nomndeni womfundi olunyiwe. Odabeni lokuhayiza kwabafundi sidinga noma yiluphi usizo ngisho nolwabazalwane abazokhuleka,” kusho uKhuzwayo.
Imizamo yokuthola isigungu esilawula isikole ukuba siphawule ngalolu daba ayizange iphumelele izolo kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.