CELANI SIKHAKHANE
USIHLALO we-Independent Electoral Commission (IEC), uMnuz Vuma Mashinini uxwayise abaholi ngokuthi bengenzi izethembiso ezingamanga emiphakathini uma kuza ukhetho ngoba lokhu kugcina kudale uthuthuva kubantu sebezifuna.
UMashinini ubekhuluma e-ICC izolo lapho iKhomishana yokhetho ibibize bonke abaholi bamaqembu angenele ukhetho lohulumeni basekhaya ukuba bazozibophezela ukuthi bazoyihlonipha imigomo yokhetho yokuziphatha kahle.
“Baholi yekani ukwenza izethembiso eningeke nikwazi ukuzifeza kubantu. Okunye, ake nikhuze abantu bangalokothi bazihlanganise nodlame ngoba siyazi ukuthi iKZN isuka kuphi uma kukhulunywa ngodlame. Ngakho asikwazi ukubuyela kulesiya sikhathi esakesaba kuso. Ngaphandle kwalokho kumele nazi ukuthi ukuzibophezela kwenu akugcini ngani kuphela kodwa kufanele kudlulele kumalungu wonke enhlangano niwazise niphinde niwakhuthaze ngokubekezelela ezinye izinhlangano. Ngiyanicela ukuba ningiseke kulo msebenzi engijutshwe kuwo ningabantu baseKZN ngoba uma kusha isifundazwe kanje akubukeki kahle nami kungenza ngibonakale njengomuntu ongawenzi kahle umsebenzi,” kusho uMashinini.
Ubuye watshela abaholi ukuthi labo abangenele ukhetho uma behluleke ukuziphatha kahle baphula imigomo ebalawulayo ye-IEC, bazobakhipha ohlwini babajezise kanzima.
Inkosi yesizwe sakwaMkhize, uMnuz Sbonelo Mkhize ebimele uSihlalo wamaKhosi KwaZulu-Natal, ithe ngaphambi kokuba abaholi bajahe izikhundla kumele bakhumbule umlando waleli lizwe ukuthi usukaphi nabantu abalifela.
Izikhulu zale Khomishana zikubeke kwacaca ukuthi uma kuneqembu eliphazamisa elinye kukhankaswa, liyomangalelwa bese isijeziso kuba ukuthi limiswe okhethweni noma kwehliswe amavoti alo noma livalwe unomphela ukuba lingenele ukhetho.
UMnuz Mawethu Mosery, uthe ngeke bababekezelele abantu abaphula umthetho, wathi wonke amaqembu anelungelo lokukhankasa ngokukhululeka kuzona zonke izindawo.
Kuxwayiswe nosopolitiki ukuthi bangalokothi bagwazele abasebenzi bale khomishana abazobe beseziteshini zokuvota ngoba isigwebo salapho siqala eminyakeni emihlanu ubhadla ejele.
NgoJuni 27 kuzobe kulungiswa uhlu lwamagama abantu abangenele ukhetho lapho amaqembu ezobe esetshelwa ukuthi ngabe agculisekile yini ngabantu abafake ohlwini, aphinde aziswe ukuthi ayaqhubeka yini nalaba abatholakala befakwe ohlwini lwenye inhlangano.
Kusuka namuhla kuya ku-8 Julayi kuzobe kufakwa izicelo zavota okuyisipesheli.
Ngo-Agasti 3 kuyobe sekuwukhetho labo bonke abantu bese kuthi ngo-Agasti 10 kukhishwe imiphumela.
Ngo-Agasti 11 kuya ku-25 kuzobe sekuvotwa ngokwangaphakathi komasipala kujutshwa abantu abazoya emkhandlwini yezifunda.