NGQESHE BUTHELEZI
IMOTO: Opel Adam S
I NKUNZIMALANGA eyaba ngumpetha womhlaba yaze yawaphonsa emgibeni amagilavu esibhakeleni, uMuhammed Ali ofihlwa namuhla wake wathi: “Mhlawumbe ukuguliswa isifo iParkissons esingenza ngingakwazi ukukhuluma ngenye indlela uNkulunkulu angivala ngayo umlomo ukuze kube imina engizolalela abantu bekhuluma futhi baqale banginake kakhulu kunakuqala.” Lawa amazwi anobuhlakani aleli qhawe eselilele kobandayo ankeneneze kakhulu kimina ngesikhathi ngizwa izindaba zokudlula kwalo emhlabeni.
La mazwi aphinde ansonsotha kakhulu ngesikhathi sengihamba nge-Opel Adam S ngoba okumele ukwenze ukuthi uthule sengathi awukho kuhle kwe”The Greatest” kube yiyona i-Adam S ozoyilalela igila izimanga.
Noma u-Ali bese kumxine kakhulu ukugula kodwa ubeke abonakale efingqa elinganisa ijephu kusho ukuthi wayebizelwe kule nto.
Nami njengomuntu osekhulile ijubane akuseyona into yami kodwa ithutshana engilithole ne-Adam S lingenze ngavuka qingqo kwangathi ngizelwe kabusha. Ngeke ukwazi ukushaya ngolonwabu kule moto ngoba iyona ekucela indlela.
Le moto akubuzwa ukuthi yakhelwe ijubane. Ingeyokugcina kuchungechunge lwezinhlobo zama-Adam kwa-Opel.
I-Opel Adam iqale ukutheleka kuleli ngoJanuwari 2015 ifika ngezinhlobo ezintathu okuyi-Adam, Adam Glam ne-Adam Jam.
Ngasekupheleni kuka-2015 bavale umgidi kutheleka i-S.
Lena kwaGeneral Motors baqinisekisile ukuthi abagcini ngokunyusa ezobuchwepheshe nje kuyo kodwa bayithe nokuyibhabhadisa ngomlilo nokuyikona okuyenza ibukeke kahle.
Igabe ngamandla uma uyiqhathanisa namanye ama-Adam aphambilini.
I-Adam S ungayibuka incane kodwa inamandla esambane njengoba inenjini engu-1.4 Ecotec ekhiqiza amandla angu-110KW ne-torque ka-220Nm.
Le moto enamagiya ayisithupha owashintshayo, ukufika ejubaneni lika-100km/h kuyithatha imizuzwana engu-8.5 kanti ijubane layo elikhulu ngu-210km/h.
Iyabambelela emakhoneni futhi iyashesha ukubamba namabhuleki kwazise yilawo afana ncamashi nawe-Corsa OPC.
Uma izwa ukuthi uyahluleka ukuyilawula, iyakulekelela ngosizo lwe-Electronic Stability Programme okwaziyo ukuyicima ngokuciphiza ibhathini.
I-Adam S akubuzwa ukuthi iyiSporty ngenxa yokuthi ishaya ngamasondo angu-18 inch ayi-5 spoke avela amabrake callipers abomvu.
Iphuma ne-spoiler okungenye yezinto ezihambisana nokuphepha kodwa ezengeza ubuhle. Imibala eshaya ngayo ngaphandle kuyenza ihluke kwamanye ama-Adam. Kukhona oSaturday White Fever noShiny Rock. Yomibili inokhakhayi olubomvu. Kukhona noRed ’n Roll yona ishaya ngokhakhayi olumpunga.
Ngaphakathi into egqamile yizihlalo zayo ezi-sporty zeRecaro ezikubamba ngqi okwenza namajika uwezwe ngendaba. Okunye okugqamile wukuthi isiteringi sishaya ngezitishi ezibomvu, igiya nalo libomvu kanjalo ne-handbrake.
Ezintweni ephuma nazo kubalwa i-cruise control, Advanced Park Assist, Side Blind Spot Alert, Intellink, Siri Eyes Free nokunye.
Iphuma ne-warranty yeminyaka emihlanu noma ephela ngemuva kwebanga lika-120 000, i-roadside assistance ne-service plan yeminyaka emithathu ephela ngemuva kwebanga lika- 60 000km.
Engingakusho nge-Opel Adam S ukuthi imoto ekahle efanele abantu beminyaka yonke kodwa ngeke kube yimoto ongayisebenzisa nsuku zonke ngoba izihlalo ziyazwela uma usuhlale kuzo isikhathi eside futhi ifuna uhlale njalo uwacindezelile amafutha.
INANI
Opel Adam S R330 000