Izindaba

Uyazethemba uShakes koweBafana

Mbongiseni Buthelezi|Published

Dennis Mumble CEO of SAFA and Ephraim Mashaba coach of South Africa during the SAFA Press Conference on 23 March 2016 at SAFA House Pic Sydney Mahlangu/ BackpagePix Dennis Mumble CEO of SAFA and Ephraim Mashaba coach of South Africa during the SAFA Press Conference on 23 March 2016 at SAFA House Pic Sydney Mahlangu/ BackpagePix

MBONGISENI BUTHELEZI

EseGoli

U MQEQESHI weBafana Bafana, u-Ephraim “Shakes” Mashaba ubona usavikelekile umsebenzi wakhe eqenjini lesizwe njengoba ezishaya isifuba ngokuhle asekwenzele iqembu selokhu athatha izintambo, yize kulokhu ehlulekile wukulifaka ku-Africa Cup of Nations (Afcon) eseGabon ngonyaka ozayo.

UMashaba ubekhuluma nabezindaba esikhumulweni sezindiza, i-OR Tambo, eGoli ngoMsombuluko ntambama ngemuva kokutheleka kuleli bephuma eGambia nalapho iqembu lakhe lishaye khona leliya lizwe ngo 4-0 kowokuhlungela i-Afcon ngempelasonto edlule.

IBafana ibiye kulo mdlalo isenethenjana lokungena ngopotsho kulo mqhudelwano kodwa kuphele konke ngemuva kwemiphumela yeminye imidlalo. Kugcine kunamaqembu anamaphuzu angu-10, okuyisibalo elakuleli elingeke lisafinyelela kusona noma ngabe liyanqoba kuMauritania elizodlala nayo ngoSepthemba.

“Ikusasa libukeka lilihle kakhulu. Umsebenzi wethu kawupheleli lapha, sisaya phambili eMoscow, eRussia kwiNdebe yoMhlaba. Leli qembu linalo ithalente.

“Into esibulele wukuthi sasuke sathola nekhadi elibombu kuMauritania sidlala ekuhambeni. Sithi abalandeli mabaqhubeke sokuseseka sizobenza bahleke bodwa ngokuzayo,” kusho uMashaba.

Uthe bathole isifundo esikhulu nabangeke basikhohlwe kweyokuhlungela i-Afcon.

“Indlela esihlela ngayo izinto ibalulekile uma ungabheka indlela ebesihlela ngayo nge-Afcon ka-2015 uzothola ukuthi isisebenzele kakhulu. Okunye yizindaba zokuthi uma sihamba kufanele uhambo nalo luhlelwe kahle nokuthi uma abadlali bejabulile iqembu lingaya kude,” usho kanje.

Yize isikhulu esiphezulu kuSafa, uDennis Mumble, sithe uMashaba kuzomele azochaza ngokwenzekile emidlalweni yokuhlunga bese kubhungwa ngekusasa lakhe, umengameli wale nhlangano uDanny Jordaan ulincomile iqembu likaShakes.

“Sathwalisa kanzima iCame-roon neNigeria okungamaqembu abengasiniki ukuthula phambilini. Ngendaba ye-Afcon mina ngeke ngithi sekuphelile kuze kube isekugcineni. Ikomidi elibhekela ukusebenza kwabaqeqeshi beqembu lesizwe lizobhunga ngomqeqeshi kodwa ngeke ngisho manje ukuthi uzohlala noma uzohamba. Ikomidi lizobheka ukuthi yini ekufanele siyenze ukuthuthukisa iqembu, kodwa esikuthandile ukuthi abadlali abancane siyababona begqama naseqenjini leBafana, nokuyinto enhle,” kusho uJordaan.