Izindaba

Isamukele ikhononda iSACP isikhundla eKZN

Celani Sikhakhane|Published

CELANI SIKHAKHANE

I-SACP KwaZulu-Natal isamukele ngezinsongo ku-ANC isikhundla sobungqongqoshe esinikezwe uNobhala wayo, yathi asisho lutho kuyo futhi asisoze siyivale umlomo ngezinto ekhala ngazo ezenziwa ngubuholi obukhona.

Le nhlangano ikusho lokhu izolo ngemuva kokuvumela uMnuz Themba Mthembu ekubeni ngungqongqoshe wezoLimo, nalapho icacise khona ukuthi njengoba esamukela akakwenzanga lokho ngoba engumdayisi.

UMnuz Matthew Ndlovu, oyiPhini likaNobhala weSACP esifundazweni, uthe abanandaba nalesi sikhundla kodwa bafuna zilungiswe izinto ezonakele emagatsheni kaKhongolose.

“Asisoze sithule ngezinto esingazithandi abazenzayo abe-ANC esifundazweni. Empeleni kasinandaba nalesi sikhundla sobungqongqoshe ngoba angeke sisivale umlomo uma kungalungiswa esikhala ngakho,” kusho uNdlovu.

UMthembu uvunyelwe yiSACP ukuba asemukele lesi sikhundla ngemuva kokuba ebizelwe ekomkhulu le-ANC esifundazweni nokuyilapho efike watshelwa khona ukuthi usenguNgqongqoshe.

UNkk Nomvuzo Shabalala, oyiPhini likaSihlalo weSACP eKZN, uthe bahlale phansi bayibhunga kabanzi indaba kaMthembu, wathi ukube ubevele wazivumela bengamgunyazanga bebezofuna axoshwe esikhundleni akhishwe nasesiShayamthetho.

Uthe uma i-ANC icabanga ukuthi njengoba isinikeze uMthembu isikhundla sokuba ngungqongqoshe sebezophenduka izichuse zayo bavaleke imilomo, ayikhohlwe.

Amaqembu aphikisayo achaza lesi sikhundla njengendawo yokulahla abaholi abasuke behlulekile eminyangweni yabo futhi uma befika khona kabahlali kakhulu bayaxoshwa.

Ongqongqoshe asebexoshiwe kulo mnyango kubalwa uMnuz Cyril Xaba, uDkt Meshack Radebe, uNkk Lydia Johnson, uMnuz Mtholephi Mthimkhulu noSolwazi Gabriel Ndabandaba.

UMnuz Mluleki Ndobe we-ANC uthe bethemba ukuthi uMthembu uzowuphatha kahle umnyango ngoba kade aba khona ekomitini lawo esiShaya-mthetho kusuka ngo-2009.

UMthembu ugcine engafungiswanga kulesi sikhundla ngoba ufike ngemuva kwehora sekuqediwe eHhovisi likaNdunankulu eliseThekwini obekufungiswa kulona ongqongqoshe abane abasha, abafungi-swe yiphini likaMengameli wamaJaji esifundazweni, uMnuz Isaac Madondo.

Ufike ephelezelwa nguMgcinimafa weSACP, uNksz Nomarashiya Caluza, nePhini likaNobhala-Jikelele, uMnuz Solly Mapaila osuswe eGoli ngokukhulu ukuphuthuma ezokhuluma le ndaba.

Ongqongqoshe abafungisiwe kube nguNkk Bongi Sithole Moloi ongene kwezobuCiko amaSiko nezeMidlalo, uMnuz Mthandeni Dlungwana ongene kweze-Mfundo, uMnuz Sihle Zikalala kwezokuThuthukiswa koMnotho ezeMvelo nokuVakasha, uMnuz Mxolisi Kaunda kwezokuThutha.

Banele bafungiswa banikezwa abaqaphi abebebalinde.

UMthembu uthe nakuba esamukela isikhundla kodwa namanje usakhala ngokuxoshwa kongqongqoshe abakhishiwe ngoba beyiSACP abahambi-sani nakho.

“Bangibizile bathi nazi izimoto zamalambu aluhlaza ngavele nganqaba ngoba bengikholelwa ukuthi ayiyinhle le nto abayenzile yokuxosha ongqongqoshe,” kusho yena.