Izindaba

I-DA ihlabene ngomholi we-NFP

Celani Sikhakhane|Published

CELANI SIKHAKHANE

IHLABANE ngomholi oqavile i-DA KwaZulu-Natal ngemuva kokujoyinwa owe-NFP obeyihola kuMasipala weTheku noyilaxaze kungazelele muntu esefakwe ngisho ohlwini lwabazoyimela okhethweni.

UMnuz Thabani Mthethwa obenguSotswebhu we-NFP emkhandlwini weTheku futhi eyimele ekomitini elibheke ukusetshenziswa kwemali, wethulwe izolo eCity Hall embuthanweni we-DA obekumenyezelwa kuwo amakhansela aleli qembu elizogadla ngawo okhethweni.

Umholi we-DA uMnuz Zwakele Mncwango uthe bazishaya isifuba ngokuhlomula ngomuntu ofana noMthethwa ngoba kade babemfuna bebona ubuhlakani bakhe nobuchule abenabo ekusingatheni izindaba zomkhandlu.

“Empeleni kade sasimncenga uMthethwa sifuna asijoyine ngoba simbona njengomuntu ongasebenza kahle ku-DA ngenxa yobuhlakani anabo ebesimbona ebukhombisa emele i-NFP. Yingakho sikujabulele ukuthi agcine esijoyinile futhi sinethemba lokuthi sizowenza umehloko okhethweni ngenxa yabantu abafana naye esinabo,” kusho uMncwango.

Isinqumo sikaMthethwa sokujoyina i-DA siyethusile i-NFP ekhale ngokuthi bese imfake ngisho ohlwini lwayo lokhetho ukuze ayimele ngo-Agasti 3. USihlalo we-NFP KwaZulu-Natal uMnuz Vikizitha Mlotshwa uthe nakuba bebemfakile ohlwini lwabantu abazoba amakhansela abo kodwa bebenokukhononda ngaye bebona engazimisele ngokusebenzela i-NFP.

“Empeleni njengoba bekunengxoxompikiswano yokhetho eyayihlelwe i-SABC kuleli sonto eledlule, uMthethwa samcela ukuba ayosimela kodwa wanqaba wabika izinto ezingekho. Sagcina sesibamba uMnuz Wiseman Mcoyi edlula ngendlela. Siqale lapho ukusola ukuthi imibiko esilokhu siyithola yokuthi usejoyina i-DA iyiqiniso ngoba nangonyaka odlule eshadelwa kwakugcwele abaholi be-DA futhi kucaca ukuthi isenhliziyweni yakhe. Asinandaba nokuhamba kwakhe ngoba uthanda izikhundla futhi akayenzelanga lutho i-NFP. Ubengafuni nokugqoka izikibha zayo.

UMthethwa eziphendulela uthe ngeke alwe nobuholi be-NFP ngoba akahambanga kabi kodwa bese esithathile isinqumo sokuthi ufuna ukuletha uguquko emphakathini ngakho i-DA uyibone iyinhlangano engenza lokho.

Uthe akakwazi nokuthi bese efakwe ohlwini lokuba yikhansela ku-NFP ngakho akakwazi ukuphawula ngalezi zinsolo kanti naku-DA uzijoyinele ngoba efuna ukusebenzela ikusasa lezwe elikhululekile hhayi ngoba enikwe isikhundla.